Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




Hoseya 13:3 - Contemporary Zulu Bible 2024

3 Ngakho bayakuba njengefu lokusa, nanjengamazolo asekuseni adlula, namakhoba apheshulwa esibuyeni, nanjengomusi ophuma kushimula.

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

3 Ngalokho bayakuba njengamafu okusa, nanjengamazolo amuka ekuseni, nanjengamakhoba aphephethwa esibuyeni nomusi ophuma ngefasitele.

Gade chapit la Kopi

IsiZulu 2020

3 Ngakho-ke bayakuba njengofasimba, bafane namazolo asekuseni eshabalala, nanjengamakhoba epheshulwa ngumoya esibuyeni nentuntu ephuma ngoshimula.

Gade chapit la Kopi




Hoseya 13:3
11 Referans Kwoze  

O Efrayimi, ngiyakwenzani kuwe na? Juda, ngenzeni kuwe na? ngokuba umusa wakho unjengefu lokusa, nanjengamazolo amuka ekuseni.


Ababi abanjalo, kodwa banjengamakhoba apheshulwa ngumoya.


Baxosheni njengokupheshulwa komusi; njengokuncibilika kwengcina phambi komlilo, kanjalo ababi mababhubhe phambi kukaNkulunkulu.


Khona-ke insimbi, nobumba, nethusi, nesiliva, negolide kwachotshozwa kanyekanye, kwaba njengamakhoba ezibuya zasehlobo; umoya wazisusa, akwaze kwatholakala indawo yazo, netshe elashaya isithombe laba yintaba enkulu, lagcwalisa umhlaba wonke.


Izizwe ziyobhonga njengokuhlokoma kwamanzi amaningi, kodwa uNkulunkulu uyozisola, futhi ziyobalekela kude futhi zixoshwe njengamakhoba ezintabeni phambi komoya nanjengokuhenguza phambi kwesiphepho.


Banjengezinhlanga phambi komoya nanjengamakhoba amuka nesiphepho.


Ingebhe ingifikele, baxosha umphefumulo wami njengomoya, nokudlula kwami njengefu.


lungakafiki umyalo, usuku lungakadluli njengamakhoba, lungakafiki phezu kwenu ulaka lukaJehova, lungakafiki phezu kwenu usuku lolaka lukaJehova.


Ngoba inzalo izaphumelela; umvini uyakuthela izithelo zawo, umhlaba uthele ukudla kwawo, amazulu anike amazolo awo; ngiyakwenza ukuba insali yalaba bantu idle ifa lazo zonke lezi zinto.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite