Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




Hoseya 13:13 - Contemporary Zulu Bible 2024

13 Izinhlungu zokubeletha ziyakumfica; uyindodana eyisiwula; ngoba akufanele ahlale isikhathi eside endaweni yokugqashuka kwabantwana.

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

13 Imihelo yobelethayo iyakumehlela; uyindodana engahlakaniphile, ngokuba kuyisikhathi sokuba angemi lapho kuqhamuka abantwana.

Gade chapit la Kopi

IsiZulu 2020

13 Imihelo yobelethayo iyakumfikela, uyindodana engahlakaniphile, ngokuba kuthi sekuyisikhathi sokuba azalwe angezi emnyango wesibeletho.

Gade chapit la Kopi




Hoseya 13:13
23 Referans Kwoze  

Bathi kuye: “Usho kanje uHezekiya, uthi: ‘Namuhla lungusuku losizi nolokujeziswa nolokuhlambalaza, ngokuba abantwana sebezelwe, amandla okubeletha awakho.


Bazakwesaba; omaye nezinsizi ziyakubafica; bayakuba sezinhlungwini njengobelethayo; bayamangala omunye nomunye; ubuso babo buyakuba njengamalangabi.


Njengowesifazane okhulelweyo esesondela esikhathini sokubeletha, usezinhlungwini futhi ukhale ezindleleni zakhe; saba njalo phambi kwamehlo akho, Jehova.


Bafikelwa ukwesaba nobuhlungu obunjengobobeletha.


Bathi kuye: “Usho kanje uHezekiya, uthi: ‘Namuhla lungusuku losizi nolokujeziswa nolokuhlambalaza, ngokuba abantwana sebezelwe, amandla okubeletha awakho.


Ngokuba nxa bethi: Ukuthula nokulondeka; khona-ke ukubhujiswa okuzumayo kubehlele, njengomhelo phezu kowesifazane okhulelweyo; njalo kabayikuphunyuka.


Umuntu ohlakaniphileyo uyabona ububi, acashe, kepha abangenalwazi bayaqhubeka, bajeziswe.


(Ngokuba uthi: Ngakuzwa ngesikhathi esamukelekayo, nangosuku lwensindiso ngakusiza; bheka, manje yiso isikhathi esihle; bheka, manje yilo usuku lwensindiso.)


Esakhuluma ngokulunga, nokuzithiba, nokwahlulela okuzayo, uFelike washaywa luvalo, waphendula wathi: “Okwamanje hamba; nxa nginesikhathi esihle, ngizakubiza.


IDamaseku yaba buthakathaka yaphenduka ukuba ibaleke; usizi nosizi lwambamba njengobelethayo.


Manje niyabuza, nibone, uma umuntu ekhulelwa? Kungani ngibona wonke amadoda ebeke izandla zawo okhalweni njengobelethayo, nobuso bonke buphaphathekile?


Wena owakhileyo eLebanoni, owakha isidleke sakho emisedarini, yeka ukuthi uzakuba lesihawu lapho ubuhlungu bukwehlela, ubuhlungu bobelethayo!


Uzakuthini nxa ekujezisa? ngokuba nibafundisile ukuba babe ngababusi nababusi phezu kwenu;


Ngoba ngizwile ilizwi elinjengelowesifazana obelethayo, lobuhlungu obunjengokuzala kwakhe izibulo, ilizwi lendodakazi yeZiyoni, ikhala, yelula izandla zayo, ithi: Maye mina khathesi! ngoba umphefumulo wami ukhathele ngababulali.


Ngibelethe ngingazali na? usho uJehova, uthi: “Ngiyakwenza ukuba isisu sikanina sizale, ngisivale na? usho uNkulunkulu wakho.


Ngakho izinkalo zami zigcwele usizi; imihelo ingibambile njengobelethayo; Ngaphatheka kabi lapho ngiyibona.


Owesifazana nxa ebeletha ulobuhlungu, ngoba ihola lakhe selifikile;


Nimbuyisela kanje uJehova nina bantu abayiziwula nabangahlakaniphile na? Akusiye uyihlo okuthengileyo? Akanenzanga futhi wanimisa na?


Kabayikuzimisa izenzo zabo ukuthi babuyele kuNkulunkulu wabo, ngoba umoya wobufebe uphakathi kwabo, njalo kabamazi uJehova.


Ngokuba ingelosi yayiyehla ngezikhathi ezithile echibini, izamazamise amanzi;


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite