Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




Hoseya 12:9 - Contemporary Zulu Bible 2024

9 Mina-ke, nginguJehova uNkulunkulu wenu kwasezweni laseGibithe, ngisazakunihlalisa emadokodweni njengasezinsukwini zemikhosi.

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

9 “Kepha mina nginguJehova uNkulunkulu wakho kwasezweni laseGibithe; ngisezakukuhlalisa ematendeni njengasezinsukwini zemikhosi emisiweyo.

Gade chapit la Kopi

IsiZulu 2020

9 Kepha Mina nginguSimakade uNkulunkulu wakho selokhu kwaba seGibhithe. Ngisazokwenza futhi uhlale emathendeni njengasezinsukwini zemikhosi enqunyiweyo.

Gade chapit la Kopi




Hoseya 12:9
22 Referans Kwoze  

Kepha mina nginguJehova uNkulunkulu wakho kwasezweni laseGibithe, awazi nkulunkulu ngaphandle kwami, ngokuba akakho umsindisi ngaphandle kwami.


Inkosi yathi kuNathani umprofethi: “Bheka, mina ngihlala endlini yokhuni lomsedari, kepha umphongolo kaNkulunkulu uhlala ngaphakathi kwezilenge.


Umkhosi wabaJuda wamadokodo wawususondele.


Futhi aniyikwakha indlu, ningahlwanyeli imbewu, ningatshala isivini, ningabi nalutho; kodwa zonke izinsuku zakho uyakuhlala ematendeni; ukuze nihlale izinsuku eziningi ezweni eningabafokazi kulo.


NginguJehova uNkulunkulu wakho owakukhipha ezweni laseGibithe; vula kakhulu umlomo wakho, ngiwugcwalise.


Bagcina nomkhosi wamadokodo njengokulotshiweyo, banikela ngeminikelo yokushiswa imihla ngemihla njengenani, njengomthetho, njengemfanelo yosuku ngalunye;


NginguJehova uNkulunkulu wenu owanikhipha ezweni laseGibhithe ukuze ngibe nguNkulunkulu wenu; nginguJehova uNkulunkulu wenu.


NginguJehova uNkulunkulu wenu owanikhipha ezweni laseGibhithe ukuze ningabi yizigqila zabo; ngagqabula izibopho zejoka lenu ngakwenza ukuma uqonde.


Kuphela niyakuba nezikali, nezilinganiso ezinhle, ne-efa elihle, nehini elihle; nginguJehova uNkulunkulu wenu owanikhipha ezweni laseGibithe.


NginguJehova uNkulunkulu wakho owakukhipha ezweni laseGibhithe, endlini yobugqila.


Abafana bakhula, u-Esawu waba yiphisi, indoda yasendle; uJakobe wayeyindoda engenalwazi ehlala ematendeni.


Ngokuba nganikhuphula ezweni laseGibithe, nganihlenga endlini yobugqila; ngathuma oMose, no-Aroni, noMiriyamu phambi kwenu.


Ngiyakumnika khona izivini zakhe nesigodi sase-Akori njengomnyango wethemba; iyohlabelela lapho njengasezinsukwini zobusha bayo nanjengasosukwini lokukhuphuka kwayo iphuma ezweni laseGibithe.


Lapho u-Israyeli esengumntwana, ngamthanda ngayibiza indodana yami iphume eGibhithe.


Akekho kubo ongahlenga umfowabo nhlobo futhi angamniki uNkulunkulu isihlengo ngaye.


Kukhona isizukulwane esihlambulukile emehlweni aso, kodwa esingagezwanga ekungcoleni kwaso.


Njengendlwana yezinyoni igcwele izinyoni, kanjalo izindlu zabo zigcwele inkohliso; ngakho-ke baba bakhulu futhi baceba.


ezibanikazi bazo abazibulalayo, bazenze zingenacala; nabathengisa ngazo bathi: “Makabongwe uJehova! ngoba ngicebile, abelusi bazo kabanamusa kuzo.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite