Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




Hoseya 11:1 - Contemporary Zulu Bible 2024

1 Lapho u-Israyeli esengumntwana, ngamthanda ngayibiza indodana yami iphume eGibhithe.

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

1 “Lapho u-Israyeli esengumntwana ngamthanda, ngayibiza indodana yami iphume eGibithe.

Gade chapit la Kopi

IsiZulu 2020

1 “Lapho u-Israyeli esengumntwana ngamthanda; ngayibiza indodana yami ukuba iphume eGibhithe.

Gade chapit la Kopi




Hoseya 11:1
18 Referans Kwoze  

Wahlala khona kwaze kwaba sekufeni kukaHerode, ukuze kugcwaliseke okwakhulunywa yiNkosi ngomprofethi ukuthi: “Ngayibiza indodana yami iphume eGibithe.


Uzakuthi kuFaro: Itsho njalo iNkosi: UIsrayeli uyindodana yami, izibulo lami;


Kepha mina nginguJehova uNkulunkulu wakho kwasezweni laseGibithe, awazi nkulunkulu ngaphandle kwami, ngokuba akakho umsindisi ngaphandle kwami.


Ngiyakumnika khona izivini zakhe nesigodi sase-Akori njengomnyango wethemba; iyohlabelela lapho njengasezinsukwini zobusha bayo nanjengasosukwini lokukhuphuka kwayo iphuma ezweni laseGibithe.


Hamba umemeze ezindlebeni zeJerusalema uthi: Usho kanje uJehova; Ngicabanga ngawe, umusa wobusha bakho, uthando lomshado wakho, lapho ungilandela ogwadule, ezweni elingatshalwanga.


Nginithandile,” usho uJehova. Kodwa wena uthi: Usithande ngayiphi indlela? U-Esawu wayengeyena yini umfowabo kaJakobe? usho uJehova, kepha ngamthanda uJakobe,


Ngomprofethi uJehova wamkhipha u-Israyeli eGibithe, walondolozwa ngomprofethi.


Lapho ngidlula kuwe, ngakubona ungcolile ngegazi lakho, ngathi kuwe usegazini lakho: Phila! yebo, ngathi kuwe usegazini lakho: Phila!


UJehova akanithandanga, akanikhethanga, ngokuba naningaphezu kwezizwe zonke; ngoba wawumncane kunabo bonke abantu.


Mina-ke, nginguJehova uNkulunkulu wenu kwasezweni laseGibithe, ngisazakunihlalisa emadokodweni njengasezinsukwini zemikhosi.


Futhi ngithi kuwe: Yiyeke indodana yami ihambe, ingikhonze; uma wenqaba ukumyeka, bheka, ngiyakubulala indodana yakho, izibulo lakho.


Ngiyishiyile indlu yami, ngilishiyile ifa lami; nganikela othandiweyo womphefumulo wami esandleni sezitha zakhe.


Iyakwenze njalo kini iBethele ngenxa yobubi benu obukhulu; ekuseni inkosi yakwa-Israyeli iyakushaywa ngesiqalekiso.


Nabona engakwenzayo kwabaseGibithe, nokuthi nganithwala ngamaphiko okhozi nganiletha kimi.


Yebo, wayebathanda abantu; bonke abangcwele bakhe basesandleni sakho, bahlala ngasezinyaweni zakho; wonke umuntu uyakwamukela emazwini akho.


Njengoba wawuyigugu emehlweni ami, wawuhloniphekile, futhi mina ngikuthanda; ngalokho ngiyakuninika abantu nokuphila.


Kuzo zonke izinengiso zakho nobufebe bakho awukhumbulanga izinsuku zobusha bakho, lapho wawunqunu, uyinyumba, ungcoliswe ngegazi lakho.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite