Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




Hoseya 10:14 - Contemporary Zulu Bible 2024

14 Ngakho kuyakuvuka ukuxokozela phakathi kwabantu bakho, zonke izinqaba zakho ziphangwe, njengalokho uSalmani aphanga iBeti Aribeli ngosuku lwempi; unina uchotshoziwe phezu kwabantwana bakhe.

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

14 Kuyakuvela ukuxokozela phakathi kwabantu bakho, zichithwe zonke izinqaba zakho, njengalokho uShalimani achitha iBeti Aribeli ngosuku lokulwa, unina echotshozwa phezu kwabantwana.

Gade chapit la Kopi

IsiZulu 2020

14 Kuyakuqubuka ukuxokozela phakathi kwabantu bakho, zibe yincithakalo zonke izinqaba zakho, njengencithakalo eyenziwa uShalimani, eBhethi Aribheli ngosuku lwempi, kuphihlizwa unina nezingane.

Gade chapit la Kopi




Hoseya 10:14
21 Referans Kwoze  

ISamariya liyosala lishiyiwe; ngoba liyahlubuka kuNkulunkulu walo; bayakuwa ngenkemba; izinsana zabo ziyochotshozwa, futhi abesifazane babo abakhulelwe bayoklebhulwa.


Bayoklolodela amakhosi, nezikhulu zibe yinhlekisa kubo; bayoklolodela zonke izinqaba; ngoba bayobutha uthuli futhi baluthathe.


Zonke izinqaba zakho ziyakuba njengemikhiwane enamakhiwane avuthwayo; uma zinyakaziswa, ziwela ngisho emlonyeni wodlayo.


Kepha wathunjwa, waya ekudingisweni; nabantwana balo bachotshozwa eziqongweni zazo zonke izitaladi; benza inkatho ngabahlonishwayo, nabo bonke abakhulu balo baboshwa ngamaketanga.


UJehova Sebawoti nguye othinta izwe, lincibilike, bonke abakhileyo kulo balile; futhi liyakukhuphuka liphelele njengesikhukhula; njalo lizaminzwa njengomfula waseGibhithe.


Ingonyama ibhongile, ngubani ongayikwesaba na? iNkosi uJehova ikhulumile, ngubani ongayikuprofetha na?


IKeriyoti ithunjiwe, nezinqaba ziyathuthumela, nezinhliziyo zamaqhawe akwaMowabi ngalolo suku ziyakuba njengenhliziyo yowesifazane ezindleleni zakhe.


Izoni eZiyoni ziyesaba; ukwesaba kwabamangaza abazenzisi. Ngubani phakathi kwethu ozohlala emlilweni oqothulayo? ngubani phakathi kwethu oyohlala emlilweni ophakade na?


Inqaba iyakuma kwa-Efrayimi, nombuso waseDamaseku, nensali yase-Aramu; bayakuba njengenkazimulo yabantwana bakwa-Israyeli,” usho uJehova Sebawoti.


Ukhona yini onkulunkulu bezizwe owasindisa izwe lakhe lonke esandleni senkosi yase-Asiriya na?


Bayishiya yonke imiyalo kaJehova uNkulunkulu wabo, bazenzela izithombe ezibunjiweyo, amathole amabili, benza isihlahla, bakhuleka kulo lonke ibandla lasezulwini, bakhonza uBali.


Ngisindise esandleni somfowethu, esandleni sika-Esawu, ngokuba ngiyamesaba, funa afike angishaye kanye nonina kanye nabantwana.


Ngiyakubaphahlazela omunye komunye, oyise namadodana kanyekanye, usho uJehova;


UShalimaneseri inkosi yase-Asiriya wenyuka wamelana naye; uHoseya waba yinceku yakhe, wamnika izipho.


Iyakwenze njalo kini iBethele ngenxa yobubi benu obukhulu; ekuseni inkosi yakwa-Israyeli iyakushaywa ngesiqalekiso.


ukuthi mhla ngimhambela ngeziphambeko zikaIsrayeli, ngizahambela amalathi eBhetheli; izimpondo ze-altare ziyonqunywa futhi ziwe phansi.


Ngiyakuchitha imizi yezwe lakho, ngizidilize zonke izinqaba zakho.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite