Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




Hoseya 1:4 - Contemporary Zulu Bible 2024

4 UJehova wathi kuye: “Mbize ngokuthi uJizreyeli; ngoba kuseyisikhashana nje ngiphindisele igazi laseJizreyeli endlini kaJehu, ngiqede ubukhosi bendlu yakwa-Israyeli.

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

4 UJehova wathi kuye: “Qamba igama layo ngokuthi uJizreyeli, ngokuba kusezakuba yisikhashana ngize ngiphindisele igazi likaJizreyeli phezu kwendlu kaJehu, ngiqede umbuso wendlu ka-Israyeli.

Gade chapit la Kopi

IsiZulu 2020

4 USimakade wathi kuye: “Iqambe igama uthi: ‘nguJizreyeli,’ ngokuba sekuseduze ngibajezise abendlu kaJehu ngenxa yegazi likaJizreyeli, futhi ngiyakuwuqenda nya umbuso wendlu ka-Israyeli.

Gade chapit la Kopi




Hoseya 1:4
32 Referans Kwoze  

UNkulunkulu wathi: “Mbize ngokuthi uLoami, ngokuba anisibo abantu bami, nami angiyikuba nguNkulunkulu wenu;


Wabuye wakhulelwa, wazala indodakazi. UNkulunkulu wathi kuye: “Mbize ngokuthi uLoruhama, ngokuba angisayikuba nomusa kuyo indlu yakwa-Israyeli; kodwa ngizabasusa ngokupheleleyo.


Wahamba ngendlela kadadewenu; ngalokho ngiyakunikela indebe yakhe esandleni sakho.


Bambula ubunqunu bakhe, bathatha amadodana akhe namadodakazi akhe, bambulala ngenkemba, waduma phakathi kwabesifazane; ngoba bamahlulela.


Ngalokho usho kanje uJehova uNkulunkulu ka-Israyeli mayelana nabelusi abelusa abantu bami; Wahlakaza izimvu zami, wazixosha, awuzihambelanga; bhekani, ngiyakunihambela ngobubi bezenzo zenu,” usho uJehova.


Ngabona, lapho mina, ngenxa yazo zonke izihlubuki u-Israyeli aphinge ngazo, ngamlahla, ngamnika incwadi yesahlukaniso; kepha udadewabo okhohlisayo uJuda akesabanga, kepha wahamba wafeba naye.


Ngokuba sizalelwe umntwana, siphiwe indodana, nombuso uyakuba sehlombe lakhe, negama lakhe liyakuthiwa oMangalisayo, uMluleki, uNkulunkulu onamandla, uYise ongunaphakade, iNkosi yokuthula.


Ngakho-ke iNkosi uqobo izakunika isibonakaliso; Bheka, intombi iyakukhulelwa, izale indodana, iyibize ngokuthi u-Imanuweli.


Ezinsukwini zikaPheka inkosi yakwa-Israyeli, uThigilati-Phileseri inkosi yase-Asiriya wafika wathatha i-Ijoni ne-Abela Beti-maga neJanowa neKedeshi neHazori neGileyadi neGalile, lonke izwe lakwaNafetali, futhi bathatha i-Ijoni. Wayiswa ekudingisweni e-Asiriya.


Ekufikeni kwakhe eSamariya wabulala bonke abaseleyo baka-Ahabi eSamariya waze wamchitha njengezwi likaJehova alikhuluma ku-Eliya.


Yamletha kuJesu. UJesu embuka wathi: “Wena unguSimoni kaJona;


Wacela isibhebhe, waloba ukuthi: NguJohane igama lakhe. Bamangala bonke.


Bheka, uzakukhulelwa, uzale indodana, uyiqambe igama lokuthi uJesu.


Kepha ingelosi yathi kuye: “Ungesabi, Zakariya, ngokuba ukukhuleka kwakho kuzwakele; umkakho u-Elisabethe uzakukuzalela indodana, uyiqambe igama lokuthi uJohane.


Uyakuzala indodana, uyiqambe igama lokuthi uJesu, ngokuba nguye oyakusindisa abantu bakhe ezonweni zabo.


UNkulunkulu wami uyakubalahla, ngokuba abamlalelanga, bayakuba yizihambi phakathi kwezizwe.


Umhlaba uyakuzwa ukolweni, newayini, namafutha; futhi bayokuzwa uJizreyeli.


Ngiyakumhambela ngezinsuku zawoBali, ashumayeza ngazo impepho, wazihlobisa ngamacici akhe nezinto zakhe ezicwebezelayo, walandela izithandwa zakhe, wangikhohlwa mina,” usho uJehova.


Ngomnyaka wamashumi amathathu nesishiyagalombili ka-Azariya inkosi yakwaJuda uZakariya indodana kaJerobowamu wabusa kwa-Israyeli eSamariya izinyanga eziyisithupha.


Ngosuku olulandelayo uPhashuri wamletha uJeremiya esitolo. UJeremiya wayesethi kuye: “UJehova akakubizanga ngokuthi uPhashuri, kepha wathi ngoMagormissabibi.


Umkhawulo wabo wawuseJizreyeli, neKesuloti, neShunemi;


U-Ahabi wayenamadodana angamashumi ayisikhombisa eSamariya. UJehu waloba izincwadi, wazithumela eSamariya, kubabusi baseJizreyeli, kumalunga, nakulabo abakhulisa abantwana bakwa-Ahabi, wathi:


Ngaya kumprofethikazi; wakhulelwa, wazala indodana. Wayesethi uJehova kimi: “Mbize ngokuthi nguMahersalhasbasi.


Bheka, amehlo eNkosi uJehova aphezu kombuso owonayo, ngiwuchithe emhlabeni; ngaphandle kokuthi angiyikushaya indlu kaJakobe ngesiqalekiso, usho uJehova.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite