Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




Hoseya 1:2 - Contemporary Zulu Bible 2024

2 Ukuqala kwezwi likaJehova ngoHoseya. UJehova wathi kuHoseya: “Hamba uzithathele isifebe nabantwana besifebe, ngokuba izwe lifebe kakhulu ngokusuka kuJehova.

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

2 Lapho uJehova eqala ukukhuluma ngoHoseya, uJehova wathi kuHoseya: “Hamba uzithathele umfazi ophingayo nabantwana bophingayo, ngokuba izwe liyaphinga nokuphinga ngokungamlandeli uJehova.”

Gade chapit la Kopi

IsiZulu 2020

2 Lapho uSimakade eqala ukukhuluma ngoHoziya, wathi kuHoseya: “Hamba uzithathele umfazi ophingayo nabantwana bokuphingwa, ngokuba izwe liyaphinga nokuphinga ngokungamlandeli uSimakade.”

Gade chapit la Kopi




Hoseya 1:2
24 Referans Kwoze  

Wayesethi uJehova kimi: “Hamba, uthande owesifazane othanda umngane wakhe, kepha oyisiphingi, njengokuthanda kukaJehova kubantwana bakwa-Israyeli, ababheka abanye onkulunkulu nabathanda imigodla yewayini.


UJehova wayesethi kuMose: “Bheka, wena uyakulala koyihlo; lababantu bayakusukuma baphinge nonkulunkulu babafokazi bezwe abaya kulo ukuba bahlale phakathi kwabo, bangilahle, baphule isivumelwano sami engasenza nabo.


Kwasekusithi ngobubi bobufebe balo, langcolisa ilizwe, laphinga lamatshe langezinduku.


Ngakho bangcoliswa ngemisebenzi yabo futhi bafeba ngezinto zabo.


Ebunzini lakhe kwakulotshwe igama eliyimfihlakalo, iBhabhiloni ENKULU, UNINA WEZIFEBE NOWAZINYANYAYO ZOMHLABA.


Banamehlo agcwele ukuphinga, abangayeki esonweni; bekhohlisa imiphefumulo engazinzile: nenhliziyo efundiswe ukuhaha; izingane eziqalekisiwe:


Abaphunyukileyo kini bayakungikhumbula phakathi kwezizwe abayothunjelwa kuzo, ngokuba ngiphukile izinhliziyo zabo eziyisifebe ezingishiyileyo namehlo abo aphinga nezithombe zabo; banengwe ngenxa yobubi ababenzile kuzo zonke izinengiso zabo.


Mina ngiyamazi u-Efrayimi, no-Israyeli akacashile kimi; ngokuba manje, Efrayimi, uyafeba, u-Israyeli ungcolile.


Ukuqala kwevangeli likaJesu Kristu, iNdodana kaNkulunkulu;


Ngokuba abantu bami benzile okubi okubili; bangishiyile mina, mthombo wamanzi aphilayo, bazimbele imithombo, imithombo eqhekekileyo, engagcini manzi.


Ngokuba bheka, abakude nawe bayakubhubha; ubabhubhisile bonke abaphinga kuwe.


Kepha wena wahamba ngendlela yamakhosi akwa-Israyeli, wenza ukuba uJuda nabakhileyo eJerusalema baphinge, njengezifebe zendlu ka-Ahabi, wabulala nabafowenu bendlu kayihlo ababengcono kunawe;


Ngokuba ngaphulile ijoka lakho endulo, ngaphula izibopho zakho; wena wathi: Kangiyikweqa; lapho nizulazula niphinga kuwo wonke amagquma aphakeme naphansi kwayo yonke imithi eluhlaza.


Ungasho kanjani ukuthi: ‘Angingcoliswanga, angibalandelanga oBali? bheka indlela yakho esigodini, yazi okwenzileyo; wena uyinkana yenkazana enejubane, ehamba ngezindlela zayo;


Uyakuxosha izithandwa zakhe, kepha aziyikuzifica; futhi uyozifuna, kodwa angazitholi; khona-ke uzakuthi: Ngizahamba ngibuyele endodeni yami yokuqala; ngoba ngaleso sikhathi kwakungcono ngami kunamanje.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite