Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




Hoseya 1:10 - Contemporary Zulu Bible 2024

10 Kodwa umumo wabantwana bakwa-Israyeli uyakuba ngangesihlabathi solwandle esingenakulinganiswa nokubalwa; nasendaweni lapho kwathiwa kubo: Anisibo abantu bami, kuyakuthiwa kubo: Ningabantwana bakaNkulunkulu ophilayo.

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

10 “Nokho umumo wabantwana bakwa-Israyeli uyakuba ngangesihlabathi solwandle esingenakulinganiswa, singenakubalwa; kuyakuthi esikhundleni sokuba kuthiwe kubo: ‘Anisibo abantu bami,’ kuthiwe kubo: ‘Ningamadodana kaNkulunkulu ophilayo.’

Gade chapit la Kopi

IsiZulu 2020

10 “Kepha abantu bakwa-Israyeli bayakuba ngangesihlabathi solwandle esingenakulinganiswa nakubalwa. Lapho bekuthiwa khona kubo: ‘Aniseyibo abantu bami,’ kuyakuthiwa kubo: ‘Ningamadodana kaNkulunkulu ophilayo.’

Gade chapit la Kopi




Hoseya 1:10
26 Referans Kwoze  

Njalo ngizakuba nguYihlo, lina lizakuba ngamadodana lamadodakazi ami, itsho iNkosi uSomandla.


Kepha bonke abamamukelayo wabapha amandla okuba babe ngabantwana bakaNkulunkulu, labo abakholwa egameni lakhe;


Ngizakuthi enyakatho: Dedela; naseningizimu: Ungagodli; letha amadodana ami evela kude namadodakazi ami emikhawulweni yomhlaba;


Ngiyakuhlwanyela yena emhlabeni; ngiyakuba nomusa kongahawukelwanga; ngiyakuthi kwabangebona abantu bami: Ningabantu bami; futhi bayothi: Wena unguNkulunkulu wami.


Bayakuletha bonke abafowenu kube ngumhlatshelo kuJehova bevela ezizweni zonke begibele amahhashi, nangezinqola, nangezikebhe, naphezu kweminyuzi, nangezilwane ezinejubane, entabeni yami engcwele eJerusalema,” usho uJehova, “njengalokho abantwana bakwa-Israyeli beletha. “Umnikelo ngesitsha esihlambulukileyo endlini kaJehova.


Ngiyakwenza inzalo yakho ibe njengothuli lomhlaba, ukuze kuthi noma ekhona ongabala uthuli lomhlaba, ibalwe nenzalo yakho.


UNkulunkulu wathi: “Mbize ngokuthi uLoami, ngokuba anisibo abantu bami, nami angiyikuba nguNkulunkulu wenu;


Ngiyakukubusisa, ngandise inzalo yakho njengezinkanyezi zezulu nanjengetshebetshebe esisogwini lolwandle; nenzalo yakho iyodla ifa lesango lezitha zayo;


Ngakho-ke kwazalwa ngoyedwa, yena engofileyo, abangangezinkanyezi zezulu ngobuningi, nangangesihlabathi esisogwini lolwandle esingenakubalwa.


Wathi wena: Impela ngiyakukwenzela okuhle, ngenze inzalo yakho ibe ngangesihlabathi solwandle esingenakubalwa ngenxa yobuningi.


Njengalokhu ibandla lasezulwini lingenakubalwa, nesihlabathi solwandle singenakulinganiswa, kanjalo ngiyakwandisa inzalo kaDavide inceku yami namaLevi angikhonzayo.


Inzalo yakho yayingangesihlabathi, nenzalo yezibilini zakho njengamatshe aso; igama lakhe aliyikunqunywa, lingachithwa phambi kobuso bami.


Ngokuba ukulangatha okudaliweyo kulindele ukuvezwa kwabantwana bakaNkulunkulu.


Isibili wena ungubaba wethu, lanxa uAbrahama engasazi, loIsrayeli engasazi; Wena Jehova ungubaba, ungumsindisi wethu; igama lakho likhona kwaphakade.


Kepha manje, Jehova, ungubaba; silubumba, wena ungumbumbi wethu; thina sonke singumsebenzi wesandla sakho.


Ngifunwa yilabo abangangicelanga; Ngatholwa yilabo ababengangifuni; ngathi: Bheka, ngingowesizwe igama lami elingabizwanga phezu kwaso.


Ngikhipha umyalo wokuba abantu kuyo yonke imibuso yombuso wami bathuthumele futhi besabe phambi kukaNkulunkulu kaDaniyeli, ngoba unguNkulunkulu ophilayo nogxilile kuze kube phakade, nombuso wakhe ongayikuchithwa, nokubusa kwakhe kuyolingana. Kuze kube sekupheleni.


Ngoba umisile abantu bakho uIsrayeli ukuthi babe ngabantu bakho kuze kube nininini; wena Jehova waba nguNkulunkulu wabo.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite