Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




Hagayi 2:7 - Contemporary Zulu Bible 2024

7 Ngiyozamazamisa zonke izizwe, futhi okufiselekayo kuzo zonke izizwe kuyofika; ngiyakuyigcwalisa le ndlu ngenkazimulo,” usho uJehova Sebawoti.

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

7 ngizamazamise nabo bonke abezizwe, kufike okunxanelekayo kwabo bonke abezizwe, ngiyigcwalise le ndlu ngenkazimulo,’ usho uJehova Sebawoti.

Gade chapit la Kopi

IsiZulu 2020

7 “Ngiyakunyakazisa zonke izizwe, kufike okuyigugu kwazo zonke izizwe, ngiyigcwalise le ndlu ngenkazimulo,” kusho uSimakade Wamabandla.

Gade chapit la Kopi




Hagayi 2:7
36 Referans Kwoze  

Bheka, ngiyathuma isithunywa sami, futhi siyakulungisa indlela phambi kwami; iNkosi eniyifunayo iyakufika ngokuzuma ethempelini layo, isithunywa sesivumelwano enithokoza ngaso; bheka, uyeza, usho uJehova Sebawoti.


Abapristi babengenakuma ukukhonza ngenxa yefu, ngokuba inkazimulo kaJehova yagcwalisa indlu kaJehova.


Intonga yobukhosi ayiyikusuka kuJuda, nomniki-mthetho phakathi kwezinyawo zakhe aze afike uShilo; futhi kuyakuba kuye ukubuthwa kwabantu.


Kwathi emva kwezinsuku ezintathu bamfumana ethempelini, ehlezi phakathi kwabafundisi, ebazwa, ebabuza.


Wasengena ethempelini ngoMoya;


Ngizakuhlehlisa, ngikuhlehlise, ngikuhlehlise; futhi ngeke kusaba khona aze afike lowo okungelungelo lakhe; futhi ngizomnika yona.


Yonke imihlambi yaseKedari iyakubuthelwa kuwe, izinqama zaseNebayoti zikukhonze; bayokwenyukela e-altare lami ngokujabula, futhi ngizokhazimulisa indlu yenkazimulo yami.


Ngenzalo yakho zonke izizwe zomhlaba ziyobusiswa; ngoba ulilalele ilizwi lami.


Umbhalo ubona ngaphambili ukuthi uNkulunkulu uzakulungisisa abezizwe ngokukholwa, walitshumayela ngaphambili ivangeli kuAbrahama, lokuthi: Izizwe zonke zizabusiswa ngawe.


ULizwi waba yinyama, wakha phakathi kwethu, sabona inkazimulo yakhe, inkazimulo njengeyozelwe yedwa kuYise, egcwele umusa neqiniso.


Bonke abantu babesiza kuye ekuseni kakhulu ethempelini ukuba bamzwe.


Wayefundisa ethempelini imihla ngemihla. Kepha abapristi abakhulu nababhali nezikhulu zabantu bafuna ukumbulala;


Ihubo lika-Asafa. Zwana, Malusi ka-Israyeli, wena ohola uJosefa njengomhlambi; wena ohlezi phakathi kwamakherubi, khazimula.


Abapristi babengenakuma ukukhonza ngenxa yefu, ngokuba inkazimulo kaJehova yagcwalisa indlu kaNkulunkulu.


Kwathi ngolunye lwalezo zinsuku efundisa abantu ethempelini, eshumayela ivangeli, kwafika kuye abapristi abakhulu nababhali kanye namalunga;


Ngiyakubeka ubutha phakathi kwakho nowesifazane, naphakathi kwenzalo yakho nenzalo yakhe; yona iyakuchoboza ikhanda lakho, wena uyakulimaza isithende sayo.


Ngokuba kuhlezi kuye ukugcwala konke kobuNkulunkulu ngokomzimba.


Ngempela, insindiso yakhe iseduze kwabamesabayo; ukuze inkazimulo ihlale ezweni lakithi.


Bayongena emihumeni yamadwala nasemihumeni yomhlaba ngenxa yokwesaba uJehova nangenxa yodumo lobukhosi bakhe, lapho esukuma ukuze unyakazise umhlaba.


Phakamisa amehlo akho nxazonke, ubone: bonke bayabuthana, beza kuwe; amadodana akho ayakuvela kude, namadodakazi akho ayosuwa ngaseceleni kwakho.


Ngenza ukuba izizwe zithuthumele ngomsindo wokuwa kwakhe, lapho ngehlisela eHayidese kanye nalabo abehlela egodini; futhi zonke izihlahla zase-Edene, ezikhethiweyo nezingcono kakhulu zaseLebanoni, zonke eziphuza amanzi ziyakududuzwa ezindaweni ezingaphansi komhlaba.


Ngokuba ngomhawu wami nangomlilo wentukuthelo yami ngakhuluma ngathi: Impela ngalolo suku kuyakuba khona ukuzamazama okukhulu ezweni lakwa-Israyeli;


Wayesengilethela indlela evela eSangweni Lasenyakatho phambi kwendlu; ngabona, bheka, inkazimulo kaJehova yagcwalisa indlu kaJehova, ngawa ngobuso.


Khuphukani entabeni, nilethe imithi, nakhe indlu; ngiyakuthokoza ngalo, ngikhazimulise,” usho uJehova.


Kwathi lapho abapristi bephuma endlini engcwele, ifu lagcwalisa indlu kaJehova.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite