Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




Hagayi 1:12 - Contemporary Zulu Bible 2024

12 Khona uZerubhabhele indodana kaSheyalitiyeli, noJoshuwa indodana kaJehosadeki, umpristi omkhulu, nayo yonke insali yabantu balilalela izwi likaJehova uNkulunkulu wabo namazwi kaHagayi umprofethi, njengeNkosi uNkulunkulu wabo. Wamthuma, abantu besaba phambi kukaJehova.

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

12 UZerubabele indodana kaSheyalitiyeli noJoshuwa indodana kaJehosadaki, umpristi omkhulu, nayo yonke insali yabantu balalela izwi likaJehova uNkulunkulu wabo namazwi kaHagayi umprofethi, njengokuba uJehova uNkulunkulu wabo emthumile; abantu besaba phambi kukaJehova.

Gade chapit la Kopi

IsiZulu 2020

12 UZerubhabhele, indodana kaSheyalitiyeli noJoshuwa, indodana kaJehozadaki, umphristi omkhulu, nayo yonke insali yabantu, balilalela izwi likaSimakade uNkulunkulu wabo namazwi kaHagayi umphrofethi, njengoba uSimakade uNkulunkulu wabo ayemthumile. Abantu besaba phambi kukaSimakade.

Gade chapit la Kopi




Hagayi 1:12
19 Referans Kwoze  

Ngubani phakathi kwenu omesabayo uJehova, olalela izwi lenceku yakhe, ohamba ebumnyameni, kungekho ukukhanya, na? makathembele eGameni likaJehova futhi ahlale kuNkulunkulu wakhe.


UJehova wawuvusa umoya kaZerubabele indodana kaSheyalitiyeli, umbusi wakwaJuda, nomoya kaJoshuwa, indodana kaJehosadeki, umpristi omkhulu, nomoya wayo yonke insali yabantu; beza, basebenza endlini kaJehova Sebawoti, uNkulunkulu wabo;


Khona-ke uZerubabele indodana kaSheyalitiyeli noJeshuwa indodana kaJehoshadaki basukuma baqala ukwakha indlu kaNkulunkulu eseJerusalema, kanye nabaprofethi bakaNkulunkulu ababebasiza.


Ukumesaba uJehova kungukuqala kolwazi, kepha iziwula ziyadelela ukuhlakanipha nokulaywa.


Dumisani uJehova. Ubusisiwe umuntu omesabayo uJehova, othokoza ngemithetho yakhe.


Khuluma manje kuZerubabele indodana kaSheyalitiyeli, umbusi wakwaJuda, nakuJoshuwa, indodana kaJehosadeki, umpristi omkhulu, nakubo bonke abanye abantu, uthi:


Ngomnyaka wesibili wenkosi uDariyu, ngenyanga yesithupha, ngolokuqala lwenyanga, izwi likaJehova lafika ngoHagayi umprofethi kuZerubabele indodana kaSheyalitiyeli, umbusi wakwaJuda, nakuJoshuwa, indodana kaJosefa, umpristi omkhulu, uthi:


Ake sizwe isiphetho sayo yonke lendaba: Mesabe uNkulunkulu, ugcine imiyalo yakhe, ngokuba lokhu kuyimfanelo yomuntu wonke.


Ngakho-ke njengoba semukela umbuso ongenakuzanyazanyiswa, masibe nomusa esingakhonza ngawo uNkulunkulu ngokwamukelekayo ngokuhlonipha nokwesaba uNkulunkulu.


elifikile kini, njengasezweni lonke; lithela isithelo, njengalokhu lisenza lakini, kusukela osukwini elakuzwa ngalo, lawazi umusa kaNkulunkulu ngeqiniso;


Khona ibandla lathola ukuphumula kulo lonke elaseJudiya, naseGalile, naseSamariya, lisakheka. Behamba ekwesabeni iNkosi, landa ngenduduzo kaMoya oNgcwele.


Buthani abantu, amadoda, nabesifazane, nabantwana, nomfokazi osemasangweni enu, ukuba bezwe, bafunde, besabe uJehova uNkulunkulu wenu, bagcine ngokucophelela onke amazwi alo mthetho.


Wathi: “Ungabeki isandla sakho kumfana, ungenzi lutho kuye, ngokuba ngiyazi manje ukuthi uyamesaba uNkulunkulu, lokhu ungagodlelanga kimi indodana yakho eyodwa.”


Ukuze abantwana babo, ababengazi lutho, bezwe, bafunde ukumesaba uJehova uNkulunkulu wenu, zonke izinsuku zisahleli ezweni eniwela iJordani ukulidla.


Kwafunyanwa phakathi kwamadodana abapristi ababethathe abafazi bezizwe emadodaneni kaJeshuwa kaJosadaki nabafowabo; noMahaseya, no-Eliyezeri, noJaribi, noGedaliya.


Uma nivuma, nilalela, niyakudla okuhle kwezwe;


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite