Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




Esteri 9:19 - Contemporary Zulu Bible 2024

19 Ngakho abaJuda bemizi ababehlala emizini engabiyelweyo benza usuku lweshumi nane lwenyanga ka-Adari lube usuku lwenjabulo nolwedili nosuku oluhle, nolokuthumelelana izabelo.

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

19 Ngalokho abaJuda basemaphandleni ababehlezi emizaneni engabiyelwe benza usuku lweshumi nane lwenyanga ka-Adari lube ngolokuthokoza nolwedili nosuku oluhle nolokuthumelana izipho omunye komunye.

Gade chapit la Kopi

IsiZulu 2020

19 Yingakho abaJuda abahlala emizaneni engaphandle kwemizi, nalabo abahlala emizaneni, umhla ziyishumi nane ngenyanga u-Adari kuwusuku lwentokozo nedili, neholide abaphana ngalo izipho zokudla.

Gade chapit la Kopi




Esteri 9:19
13 Referans Kwoze  

Ezifundeni zonke nasemizini yonke, lapho kwafika khona izwi lenkosi nomyalo wayo, abaJuda baba nokujabula nokujabula, nomkhosi nosuku oluhle. Abaningi kubantu bezwe baba amaJuda; ngoba ukwesaba abaJuda kwabehlela.


Nabakhileyo emhlabeni bayakujabula ngabo, bajabule, bathumele izipho omunye komunye; ngoba laba baprofethi ababili babahlupha abakhileyo emhlabeni.


njengezinsuku amaJuda aphumula ngazo ezitheni zawo, nenyanga eyaguqulelwa kuwo usizi yaba intokozo, nokulila kwaba usuku oluhle; nezipho kwabampofu.


Uzakuthokoza edilini lakho, wena lendodana yakho lendodakazi yakho lenceku yakho lencekukazi yakho lomLevi, umfokazi lentandane lomfelokazi abaphakathi kwamasango akho.


Uthokoze phambi kukaJehova uNkulunkulu wakho, wena nendodana yakho, nendodakazi yakho, nenceku yakho, nencekukazi yakho, nomLevi osemasangweni akho, nomfokazi, nentandane, nomfelokazi ophakathi kwakho kuleyo ndawo. UJehova uNkulunkulu wakho ayikhethileyo ukumisa igama layo khona.


Kepha yiphani abampofu lokho eninakho; futhi bhekani, zonke izinto zihlanzekile kini.


Wathi kuyo: “Gijima, ukhulume naleli nsizwa, uthi: ‘IJerusalema liyakuhlala njengemizi engenalugange ngenxa yobuningi babantu nezinkomo kuyo.’


Yonke le mizi ibizungezwe ngezingange eziphakeme, namasango, nemigoqo; eduze kwamadolobha angenazindonga amaningi.


Buza izinsizwa zakho, zizokukhombisa. Ngakho-ke izinsizwa mazithole umusa emehlweni akho, ngokuba siyeza ngosuku oluhle; kunika izinceku zakho nendodana yakho uDavide konke okusesandleni sakho.


UMoridekayi waloba lezi zinto, wathumela izincwadi kuwo wonke amaJuda ayesezifundazweni zonke zenkosi u-Ahashiveroshi, aseduze nakude;


Uma kukhona phakathi kwakho ompofu wabafowenu kwelinye lamasango akho ezweni lakho uJehova uNkulunkulu wakho akunika lona, ungayenzi lukhuni inhliziyo yakho, ungasivali isandla sakho kumfowenu ompofu.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite