Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




Esteri 9:13 - Contemporary Zulu Bible 2024

13 Wayesethi u-Esteri: “Uma inkosi ithanda, mawanikwe abaJuda abaseShushani ukuba benze nakusasa njengomthetho wanamuhla, namadodana ayishumi kaHamani alengiswe esigxotsheni.

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

13 U-Esteri wathi: “Uma kukuhle enkosini, abaJuda abaseShushani mabavunyelwe nakusasa ukwenza njengomthetho wanamuhla, aphanyekwe amadodana ayishumi kaHamani emthini.”

Gade chapit la Kopi

IsiZulu 2020

13 U-Esteri waphendula, wathi: “Uma kukuhle enkosini mayigunyaze abaJuda abahlala eShushani, benze nakusasa njengokomthetho wanamuhla, amadodana kaHamani alishumi aphanyekwe ezigxotsheni zokuphanyeka.”

Gade chapit la Kopi




Esteri 9:13
7 Referans Kwoze  

Lapho inkosi yanika abaJuda ababekuyo yonke imizi ukuba babuthane, bamele ukuphila kwabo, ukuba bachithe, babulale, bachithe onke amandla abantu nezifunda ezaziyakubahlasela, abancane nabesifazane, ukuthatha impango yabo ibe yimpango,


Isidumbu sakhe akumelwe sihlale esihlahleni ubusuku bonke, kodwa kumelwe umngcwabe ngalolo suku; (ngokuba olengiswayo uqalekisiwe nguNkulunkulu;) ukuze lingangcoliswa izwe lakho uJehova uNkulunkulu wakho akunika lona libe yifa lakho.


UKristu wasihlenga esiqalekisweni somthetho, esenziwe isiqalekiso ngenxa yethu, ngokuba kulotshiwe ukuthi: “Uqalekisiwe wonke olenga emthini;


AbaJuda ababeseShushani babuthana nabo ngosuku lweshumi nane lwenyanga ka-Adari, babulala abantu abangamakhulu amathathu eShushani; kepha abazibekanga izandla zabo empangweni.


Wabanikela esandleni sabaseGibeyoni, babaphanyeka entabeni phambi kukaJehova; zawa zonke eziyisikhombisa kanyekanye, zabulawa ngezinsuku zokuvuna, ngezinsuku zokuqala, ekuqaleni kwebhali isivuno.


Masinikwe amadoda ayisikhombisa emadodaneni akhe, siwalengise phambi kukaJehova eGibeya likaSawule uJehova alikhethileyo. Inkosi yasisithi: Ngizabanika.


Inkosi yasilaya ukuthi kube njalo, kwaphuma umlayo eSusa; bawaphanyeka amadodana ayishumi kaHamani.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite