Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




Esteri 8:3 - Contemporary Zulu Bible 2024

3 U-Esteri wabuye wakhuluma phambi kwenkosi, wawa ngasezinyaweni zayo, wayincenga ngezinyembezi ukuba isuse ububi bukaHamani umAgagi, necebo lakhe ayelicebe ngamaJuda.

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

3 U-Esteri waqhubeka wakhuluma phambi kwenkosi, wawa ngasezinyaweni zayo, wakhala, wayinxusa ukuba ibususe ububi bukaHamani umAgagi necebo lakhe ayelicebe ngabaJuda.

Gade chapit la Kopi

IsiZulu 2020

3 U-Esteri waphinda wakhuluma nenkosi, wakhothamela ezinyaweni zayo, wakhala, wayincenga ukuba ibuguqule kubantu bakubo ububi uHamani, umAgagi, ayebucebe ngabo.

Gade chapit la Kopi




Esteri 8:3
10 Referans Kwoze  

Owathi emihleni yenyama yakhe, lapho enikele imikhuleko nokunxusa ngokukhala okunamandla nezinyembezi kuye onamandla okumsindisa ekufeni, wezwiwa ngokwesaba kwakhe;


Yebo, yayinamandla phezu kwengelosi futhi yanqoba; wakhala, wamncenga; wamfumana eBethele, wakhuluma nathi khona;


UHezekiya waphendulela ubuso bakhe odongeni, wakhuleka kuJehova:


Ngokuba sithengisiwe, mina nabantu bami, ukuba sibhujiswe, sibulawe, sibhubhe. Kodwa uma sithengiswa sibe yizigqila nezigqilakazi, ngangithula ulimi lwami, nakuba isitha sasingenakubuyisela umonakalo wenkosi.


Esefikile kumuntu kaNkulunkulu entabeni, wambamba ezinyaweni; kodwa uGehazi wasondela ukuze amsunduze. Wayesethi umuntu kaNkulunkulu: “Makame; ngokuba umphefumulo wakhe ukhathazekile phakathi kwakhe, uJehova ungifihlele, kazange akwazise kimi.


Wawa phansi ezinyaweni zakhe, wathi: “Lobu bubi mabufike phezu kwami, nkosi yami, incekukazi yakho mayikhulume phambi kwezilaleli zakho, uzwe amazwi encekukazi yakho.”


Emva kwalokho inkosi u-Ahashiveroshi yamphakamisa uHamani indodana kaHamedatha umAgagi, yamphakamisa, yabeka isihlalo sakhe phezu kwezikhulu zonke ezazinaye.


Inkosi yakhumula indandatho yayo ebiyithathile kuHamani, yayinika uMoridekayi. U-Esteri wabeka uMoridekayi phezu kwendlu kaHamani.


Inkosi yelulela u-Esteri intonga yegolide. U-Esteri wayesesukuma wema phambi kwenkosi.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite