Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




Esteri 6:12 - Contemporary Zulu Bible 2024

12 UMoridekayi wabuye wafika esangweni lenkosi; Kepha uHamani waphuthuma endlini yakhe, elila, ezimboze ikhanda.

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

12 UMoridekayi wabuyela esangweni, kepha uHamani waphuthuma ekhaya ekhala, embozile ikhanda.

Gade chapit la Kopi

IsiZulu 2020

12 UMoridekhayi wayesephindela esangweni lesigodlo, kodwa uHamani washesha waqonda emzini wakhe, ezemboze ubuso ngenxa yokuhlazeka.

Gade chapit la Kopi




Esteri 6:12
14 Referans Kwoze  

UDavide wakhuphuka ngommango weNtaba Yeminqumo, ekhuphuka ekhala izinyembezi, wagubuzela ikhanda lakhe, wahamba engagqokanga zicathulo; bakhuphuka.


Ukuthi ukunqoba kwababi kufitshane, intokozo yabazenzisi ngokomzuzwana nje?


U-Ahabi wangena endlini yakhe edangele, ethukuthele ngenxa yezwi uNaboti waseJizreyeli abelikhulume kuye; ngoba wathi: Kangiyikukunika ilifa labobaba. Walala embhedeni wakhe, wafulathela ubuso bakhe, akadlanga sinkwa.


Umhlaba unikelwe esandleni sababi; Uyasibekela ubuso babahluleli bakhe; uma kungenjalo, uphi futhi ubani?


Inkosi yayisibuya ensimini yendlu yenkosi, yaya endaweni yedili; uHamani wawela embhedeni u-Esteri ayekuwo. Inkosi yasisithi: Indlovukazi izangena endlini phambi kwami yini? Kwathi ekuphumeni kwelizwi emlonyeni wenkosi, babumbesa ubuso bukaHamani.


Lapho izintombi zibuthana ngokwesibili, uMoridekayi wahlala phansi esangweni lenkosi.


U-Asriya umpristi omkhulu nabo bonke abapristi bambheka, bheka, wayenochoko ebunzini lakhe, bamkhiphela ngaphandle; yebo, naye washesha ukuphuma, ngokuba uJehova wayemshayile.


Inkosi yakwa-Israyeli yahamba idangele futhi ithukuthele endlini yayo, yafika eSamariya.


U-Ahithofeli ebona ukuthi isiluleko sakhe asilandelwanga, wabophela imbongolo yakhe, wasuka, waya endlini yakhe emzini wakubo, wayala indlu yakhe, waziphanyeka, wafa, wembelwa ethuneni likayise.


USamuweli walala kwaze kwasa, wavula iminyango yendlu kaJehova. USamuweli wesaba ukubonisa u-Eli ubuso.


UHamani wayesethatha ingubo nehhashi, wembathisa uMoridegayi, wamkhwelisa esigcawini somuzi, wamemeza phambi kwakhe, wathi: Makwenziwe kanje kumuntu inkosi emfunayo.


Wathi kuye: “Ngokuba ngakhuluma kuNaboti waseJizreyeli, ngathi kuye: ‘Nginike isivini sakho ngemali; noma uma uthanda, ngizakukunika esinye isivini esikhundleni saso; waphendula wathi: Kangiyikukunika isivini sami.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite