Lapho incekukazi ngayinye ingena ngokudedelana ukungena enkosini u-Ahashiveroshi, isinezinyanga eziyishumi nambili njengomthetho wabesifazane, ngokuba zaphelela kanjalo izinsuku zokuhlanjululwa kwabo, izinyanga eziyisithupha ngamafutha emure, nezinyanga eziyisithupha. Ngephunga elimnandi, nezinye izinto zokuhlanzwa kwabesifazane;