Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




Esteri 10:3 - Contemporary Zulu Bible 2024

3 Ngokuba uMoridekayi, umJuda, wayengowesibili kwenkosi u-Ahashiveroshi, emkhulu phakathi kwabaJuda, wathokozisa uquqaba lwabafowabo, wafuna ingcebo yabantu bakhe, wakhuluma ukuthula kuyo yonke inzalo yakhe.

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

3 Ngokuba uMoridekayi, umJuda, wayelama inkosi u-Ahashiveroshi ngobukhulu, emkhulu phakathi kwabaJuda, ethokozelwa ngabafowabo abaningi, efuna okuhle kwesizwe sakubo, ekhuluma ukuthula kuyo yonke inzalo yabo.

Gade chapit la Kopi

IsiZulu 2020

3 UMoridekhayi, umJuda, wayengowesibili ngokwesikhundla embusweni wenkosi u-Ahasheveroshi, enamandla phakathi kwabaJuda, iningi labakubo limthanda, ngokuba wayesebenzela inhlalakahle yabantu bakubo, elwela ukuphatheka kahle kwazo zonke izizukulwane zabo.

Gade chapit la Kopi




Esteri 10:3
17 Referans Kwoze  

Lapho uSanibhalati umHoroni, noThobiya inceku, umAmoni, bezwa ngakho, badabuka kakhulu ngokuthi kufike umuntu ukuzofuna okuhle kwabantwana bakwa-Israyeli.


Ngokuba okhonza uKristu ngalezizinto uyemukeleka kuNkulunkulu, ukholekile ebantwini.


Bazalwane, isifiso senhliziyo yami nomkhuleko wami kuNkulunkulu ngo-Israyeli kuwukuba basindiswe.


Khona-ke uBelishasari wayala, futhi bagqokisa uDaniyeli okubomvu futhi bamfaka iketanga legolide entanyeni yakhe futhi bamemezela ngaye ukuthi uyakuba ngumbusi wesithathu embusweni.


USigri, iqhawe lakwa-Efrayimi, wabulala uMahaseya, indodana yenkosi, no-Ashirikamu umbusi wendlu, no-Elkana owayelandela inkosi.


Wena uyakuba phezu kwendlu yami, futhi njengezwi lakho bonke abantu bami bayobuswa; esihlalweni sobukhosi kuphela ngizakuba mkhulu kunawe.


Futhi ngizwile ngawe ukuthi ungakwazi ukuchaza futhi uxazulule ukungabaza; manje uma ukwazi ukuwufunda umbhalo, ungazise incazelo yawo, wembathiswe okubomvu, ufake neketanga legolide entanyeni yakho, ube ngowesithathu embusweni.


Zonke izinceku zenkosi ezazisesangweni lenkosi zakhothama zakhothamela uHamani, ngokuba inkosi yayiyale kanjalo ngaye. Kodwa uMoridekayi akazange akhothame, futhi akazange amhloniphe.


Wathi kuye: “Ungesabi, ngokuba isandla sikaSawule ubaba asiyikukuthola; uzakuba yinkosi phezu kukaIsrayeli, mina ngibe lawe; lobaba uSawuli uyakwazi lokhu.


Khona-ke lo Daniyeli wakhethwa ngaphezu kwabongameli nezikhulu, ngoba umoya omuhle kakhulu wawukuye; inkosi yacabanga ukummisa phezu kombuso wonke.


Uyakuhlala ezweni laseGosheni, ube seduze kwami, wena nabantwana bakho, nabantwana babantwana bakho, nezimvu zakho, nezinkomo zakho, nakho konke onakho.


Futhi lapho ngiyakunondla; ngoba kusasele iminyaka emihlanu yendlala; ukuthi wena nendlu yakho nakho konke onakho, ningaweli ebumpofu.


Kepha wonke u-Israyeli noJuda bamthanda uDavide, ngokuba wayengena ephuma phambi kwabo.


Kwakukhona esigodlweni saseShushani umJuda othile ogama lakhe linguMoridegayi indodana kaJayire kaSimeyi kaKishi wakwaBenjamini;


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite