Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




Esteri 1:12 - Contemporary Zulu Bible 2024

12 Kepha indlovukazi uVashiti yenqaba ukuza ngesiyalezo senkosi ngesandla sezinceku zayo; ngalokho inkosi yathukuthela kakhulu, nentukuthelo yayo yavutha phakathi kwayo.

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

12 Kepha inkosikazi uVashiti yenqaba ukuza ngesiyalezo senkosi ngesandla sezinduna; ngalokho inkosi yathukuthela kakhulu, ulaka lwayo lwashisa phakathi kwayo.

Gade chapit la Kopi

IsiZulu 2020

12 Kodwa indlovukazi uVashiti yenqaba ukuza njengoba kwakuyaleze inkosi kubathenwa. Lokho kwayenza inkosi yathukuthela kakhulu, yabhodla umlilo.

Gade chapit la Kopi




Esteri 1:12
19 Referans Kwoze  

Intukuthelo yenkosi injengokubhonga kwengonyama; kepha ukuthokoza kwakhe kunjengamazolo otshanini.


Ngokunjalo, bafazi, thobelani amadoda enu; ukuze kuthi, uma bekhona abangalilaleli izwi, bazuzwe ngaphandle kwezwi ngenkambo yabafazi;


Ngakho-ke njengokuba ibandla lithobela uKristu, kanjalo nabafazi mabathobele amadoda abo kukho konke.


Bafazi, thobelani amadoda enu kungathi kukuyo iNkosi.


Ngubani ongema phambi kolaka lwakhe? Ngubani ongahlala ekuvutheni kolaka lwakhe na? ulaka lwakhe luthululwa njengomlilo, namadwala awiswa phansi nguye.


UNebukadinesari wayala ngokuthukuthela nangokufutheka ukuba kulethwe oShadiraki, noMeshaki, no-Abhedinego. Base beletha lawa madoda phambi kwenkosi.


Ngakho inkosi yathukuthela, yathukuthela kakhulu, yasilaya ukuthi kubhujiswe bonke abahlakaniphileyo beBhabhiloni.


Ukwesaba inkosi kunjengokubhonga kwengonyama; omgconayo wona umphefumulo wakhe.


Koze kube nini, Jehova? uzothukuthela kuze kube phakade na? ukushisekela kwenu kuvutha njengomlilo na?


IMaskili lika-Asafa. Nkulunkulu, usilahleleni kuze kube phakade na? intukuthelo yakho ithunqeleni izimvu zedlelo lakho na?


UJehova akayikumhawukela, kepha lapho intukuthelo kaJehova nokushisekela kwakhe kuyakushunqa kulowo muntu, zibe phezu kwakhe zonke iziqalekiso ezilotshwe kule ncwadi, uJehova alibize igama lakhe phansi kwezulu, azesule.


U-Aroni wathi: “Intukuthelo yenkosi yami mayingavuthi;


Wathi esondela ekamu, wabona ithole nokusina, intukuthelo kaMose yavutha, waphonsa izibhebhe ezandleni zakhe, waziphihliza phansi kwentaba.


Wathi kowesifazane: “Ngiyakwandisa kakhulu usizi lwakho nokukhulelwa kwakho; ngosizi uyakuzala abantwana; ukufisa kwakho kuyakuba sendodeni yakho, yona izokubusa.


Khona uNebukadinesari wagcwala intukuthelo, nesimo sobuso bakhe sashintsha kuShadiraki, noMeshaki, no-Abhedinego; ngakho-ke wakhuluma futhi wayala ukuthi isithando somlilo kufanele sibase ngokuphindwe kasikhombisa kunalokho esijwayele ukushiswa ngaso.


ukuletha uVashiti indlovukazi phambi kwenkosi ephethe umqhele wobukhosi ukuze abonise abantu nezikhulu ubuhle bakhe, ngoba wayemuhle ukumbona.


Inkosi yasisithi kwabahlakaniphileyo ababezazi izikhathi, ngoba sasinjalo isimo senkosi kubo bonke ababewazi umthetho lokulunga:


Inkosi yasukuma ngolaka lwayo edilini lewayini, yaya ensimini yesigodlo; uHamani wasukuma ukuba acele ukuphila kwakhe ku-Esteri inkosikazi; ngoba wabona ukuthi inkosi yayinqume okubi phezu kwakhe.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite