Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




EkaJuda 1:16 - Contemporary Zulu Bible 2024

16 Laba ngabakhonondi nabasolayo, behamba ngezabo izinkanuko; nomlomo wabo ukhuluma izikhukhula, betusa ubuso babantu ngenxa yenzuzo.

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

16 Yilabo abakhononayo nabasolayo, behamba ngezinkanuko zabo, umlomo wabo ukhuluma uwangala, betusa ubuso ngenxa yenzuzo.

Gade chapit la Kopi

IsiZulu 2020

16 Yibo laba abangabakhonondayo nabasolayo, abahamba ngokubuswa yizinkanuko zabo, bekhuluma amazwi aluwangala, betusa abanye ukuze bazuze.

Gade chapit la Kopi

Baasraak Zulu New Testament Bible

16 Laba ngabakhonondi nabasolayo, behamba ngezabo izinkanuko; nomlomo wabo ukhuluma izikhukhula, betusa ubuso babantu ngenxa yenzuzo.

Gade chapit la Kopi




EkaJuda 1:16
38 Referans Kwoze  

Ngokuba bekhuluma amazwi okuyize okuyize, babayenga ngezinkanuko zenyama, ngamanyala, labo ababesesindile kulabo abahamba ngokuduka.


Kodwa ikakhulu labo abahamba ngokwenyama enkanukweni yokungcola, bedelela ukubusa. Bayagabadela, bazicabangela bona, abesabi nokukhuluma kabi ngezithunzi;


Yenzani zonke izinto ngaphandle kokukhonona nokuphikisana;


ukuze isikhathi esiseleyo enyameni angabe esaphila ezinkanukweni zabantu, kodwa ngentando kaNkulunkulu.


Imibango ehlanekezelayo yabantu abangqondo eyonakeleyo, abaswele iqiniso, bethi inzuzo ingukumesaba uNkulunkulu;


Futhi ningabubuli njengabanye kubo bakhonona, babhujiswa ngumbhubhisi.


ukuthi bathi kini: Ngesikhathi sokugcina kuzakuba khona abahleki bosulu, abahamba ngezinkanuko zabo zokungamesabi uNkulunkulu.


nikwazi lokhu kuqala, ukuthi ngezinsuku zokugcina kuyakufika abahleki bosulu, behamba ngezinkanuko zabo;


Bathandekayo, ngiyanincenga njengabafokazi nezihambi ukuba nidede ezinkanukweni zenyama ezilwa nomphefumulo;


Odelelekile emehlweni akhe; kodwa uyabahlonipha abamesabayo uJehova. Ofungayo kokwakhe angaguquki.


Ningenzi okubi enkantolo; ungahloniphi ubuso bompofu, ungahloniphi umuntu onamandla; kodwa kufanele wahlulele umakhelwane wakho ngobulungisa.


Ukuba ahlulele bonke, asole bonke abangamesabi uNkulunkulu phakathi kwabo ngazo zonke izenzo zabo zokungamesabi uNkulunkulu abazenzile, nangawo wonke amazwi abo alukhuni izoni ezingamesabi uNkulunkulu eziwakhulume ngaye.


njengabantwana abalalelayo, ningabuki njengezinkanuko zakuqala ekungazini kwenu;


Ngakho ngithi: Hambani ngoMoya, khona aniyikufeza izinkanuko zenyama.


UJesu ekwazi phakathi kwakhe ukuthi abafundi bakhe bayakhonona ngalokho, wathi kubo: “Lokhu kuyanicasula na?


Ngisho nabaduka emoyeni bayofinyelela ekuqondeni, nababubulayo bayofunda ukufunda.


Bavalelwe emafutheni abo; ngomlomo wabo bakhuluma ngokuziqhenya.


Kungani wena nesixuku sakho sonke nibuthanele uJehova, u-Aroni uyini ukuba nikhonone ngaye na?


Ngokuba siyeza isikhathi abangayikuvuma ngaso isifundiso esiphilileyo; kodwa ngokwezinkanuko zabo bayakuzibuthela abafundisi, beluma izindlebe;


kungabi ngenkanuko, njengabezizwe abangamazi uNkulunkulu;


AbakaKristu babethele esiphambanweni inyama kanye nokuhuheka nezinkanuko.


AmaJuda akhonona ngaye, ngokuba wathi: “Mina ngiyisinkwa esehla ezulwini.


Sebekubonile bonke bakhonona, besithi: Ungene ukuvakatshela indoda eyisoni.


AbaFarisi nababhali bakhonona, bathi: “Lo wamukela izoni, adle nazo.


Kodwa ababhali babo labaFarisi bakhonona ngabafundi bakhe, besithi: Kungani lisidla linatha labathelisi lezoni?


Ukuhlonipha umuntu akukuhle, ngoba ngenxa yeqatha lesinkwa umuntu uyophambuka.


Kepha bakhonona ematendeni abo, kabalilalelanga izwi likaJehova.


Kangakanani-ke ngongamukeli ubuso bezikhulu, futhi ongabheki ocebile kunompofu? ngoba bonke bangumsebenzi wezandla zakhe.


Mangingakhethi ubuso bamuntu, futhi ngingavumi ukuthopha umuntu.


Nakhonona ematendeni enu, nathi: ‘Ngokuba uJehova wayesizondile, wasikhipha ezweni laseGibithe ukuze asinikele esandleni sama-Amori ukuba asibhubhise.


Lamadoda uMose awathumayo ukuhlola izwe, abuya abangela ukuba inhlangano yonke ikhonone ngaye ngokuletha inhlamba phezu kwezwe;


Kodwa ngangomuso yonke inhlangano yabantwana bakwa-Israyeli yakhonona ngoMose no-Aroni, yathi: “Nibabulele abantu beNkosi.


Bakhohlakele futhi bakhuluma kabi ngosizi; bakhuluma ngokuzidla.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite