Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




EkaJakobe 5:13 - Contemporary Zulu Bible 2024

13 Ukhona yini phakathi kwenu ohluphekayo? akakhuleke. Ingabe kukhona okujabulisayo? makahube amahubo.

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

13 Kukhona ohluphekayo phakathi kwenu na? Makakhuleke; kukhona owenamileyo na? Makahube.

Gade chapit la Kopi

IsiZulu 2020

13 Ukhona ohluphekayo phakathi kwenu na? Makakhuleke. Ukhona onamileyo na? Makahube.

Gade chapit la Kopi

Baasraak Zulu New Testament Bible

13 Ukhona yini phakathi kwenu ohluphekayo? akakhuleke. Ingabe kukhona okujabulisayo? makahube amahubo.

Gade chapit la Kopi




EkaJakobe 5:13
34 Referans Kwoze  

Futhi ungibize ngosuku lwenhlupheko: ngizakusindisa, njalo uzangidumisa.


nikhulumisana ngamahubo, nangezihlabelelo, nangamaculo okomoya, nihlabelele, nihubele eNkosini enhliziyweni yenu;


wathi: “Ngakhala kuJehova ngenxa yokuhlupheka kwami, yangizwa; ngisemathunjini abafileyo ngakhala, wezwa izwi lami.


Owathi emihleni yenyama yakhe, lapho enikele imikhuleko nokunxusa ngokukhala okunamandla nezinyembezi kuye onamandla okumsindisa ekufeni, wezwiwa ngokwesaba kwakhe;


Lapho umphefumulo wami uphela amandla phakathi kwami, ngacabanga ngoJehova, umkhuleko wami wafika kuwe ethempelini lakho elingcwele.


Wozani siphendukele kuJehova, ngokuba udwengulile, uyakusiphulukisa; Washaya, futhi Uzosibopha.


Bahlabelela kungathi ihubo elisha phambi kwesihlalo sobukhosi, naphambi kwezidalwa ezine eziphilayo, namalunga; kwakungekho owayengasifunda lelo ngoma, kuphela abayizinkulungwane eziyikhulu namashumi amane nane abahlengiwe emhlabeni.


Esosizini olunzima wakhuleka eqinisela, izithukuthuku zakhe zaba njengamathonsi egazi, aconsela emhlabathini.


Sebehlabelele igama lokubonga, baphuma baya eNtabeni Yeminqumo.


Baphuza iwayini, batusa onkulunkulu begolide, nesiliva, nethusi, nensimbi, nezokhuni, namatshe.


Ngambiza uJehova ngisekuhluphekeni; uJehova wangiphendula, wangibeka endaweni enkulu.


Uyakungibiza, ngimphendule; ngiyakuba naye osizini; ngiyakumkhulula, ngimdumise;


Bamemeza ngezwi elikhulu, bathi: “Insindiso kuNkulunkulu wethu ohlezi esihlalweni sobukhosi nakulo iWundlu.


Kunjani-ke, bazalwane? Lapho nibuthana, yilowo nalowo unehubo, noma isifundiso, unolimi, noma isambulo, unokuhumusha. Konke makwenziwe kube ngukwakha.


Yathi kuJesu: “Nkosi, ngikhumbule, nxa usufike embusweni wakho.


Ngokuba zonke izizwe ziyakuhamba, kube yilowo nalowo ngegama likankulunkulu wakhe, kepha thina siyakuhamba ngegama likaJehova uNkulunkulu wethu kuze kube phakade naphakade.


Hlabelelani udumo lwakhe, nihubele inkazimulo yakhe; landisani zonke izimangaliso zakhe.


Masize phambi kobuso bakhe ngokubonga, simdumise ngamahubo.


Ekuhluphekeni kwami ngambiza uJehova, ngambiza uNkulunkulu wami; Wezwa izwi lami ethempelini lakhe, nokukhala kwami kwaphumela ezindlebeni zakhe phambi kwakhe.


Uyokhuleka kuNkulunkulu, futhi uyojabula ngaye; futhi uyobona ubuso bakhe ngokujabula, ngoba uyobuyisela umuntu ubulungisa bakhe.


Hlabelelani kuye, nimhubele, nikhulume ngazo zonke izimangaliso zakhe.


Bhekani, izinceku zami ziyakuhlabelela ngokuthokoza kwenhliziyo, kepha nina niyokhala ngokudabuka kwenhliziyo, nikhale ngokudabuka komoya.


Kuyini pho? ngiyakukhuleka ngomoya, ngikhuleke nangengqondo futhi, ngihube ngomoya, ngihube nangengqondo futhi.


Bazalwane bami, thathani abaprofethi abakhuluma egameni leNkosi, babe yisibonelo sokuhlupheka nokubekezela.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite