Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




EkaJakobe 4:9 - Contemporary Zulu Bible 2024

9 Yibani lusizi, nilile, nikhale; ukuhleka kwenu makuphenduke ukulila, nokujabula kwenu kube ukudabuka.

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

9 Yibani lusizi, nidabuke, nikhale; ukuhleka kwenu makuphenduke ukudabuka, nokujabula kube ngukujabha.

Gade chapit la Kopi

IsiZulu 2020

9 Yibani lusizi, nibubule, nikhale; ukuhleka kwenu makuphenduke ukububula, nokujabula kube ngukujabha.

Gade chapit la Kopi

Baasraak Zulu New Testament Bible

9 Yibani lusizi, nilile, nikhale; ukuhleka kwenu makuphenduke ukulila, nokujabula kwenu kube ukudabuka.

Gade chapit la Kopi




EkaJakobe 4:9
25 Referans Kwoze  

Babusisiwe abalilayo, ngokuba bayakududuzwa.


Nasekuhlekeni inhliziyo idabukile; futhi isiphetho saleyo njabulo sinzima.


Maye kini enisuthi! ngoba nizakulamba. Maye kinina enihlekayo manje! ngokuba niyakulila, nikhale.


Ngingakacindezelwa, ngaduka, kepha manje ngiyaligcina izwi lakho.


Ukuze ucabange, ume unamahloni, ungabe usavula umlomo wakho ngenxa yehlazo lakho, uma ngibuyisana nawe ngakho konke okwenzileyo, isho iNkosi uJehova.


Kodwa labo abababalekelayo bayakubalekela, babe sezintabeni njengamajuba aphuma ezigodini, bonke belila, kube yilowo nalowo ngenxa yobubi bakhe.


Kepha u-Abrahama wathi: “Ndodana, khumbula ukuthi wamukela okuhle kwakho usesekuphileni, noLazaru ngokunjalo nokubi;


Nezinsimbi zami zaphenduka ukulila, nesitho sami saba yizwi labakhalayo.


Nibusisiwe nina enilambile manje, ngokuba niyakusuthiswa. Nibusisiwe nina enikhalayo manje, ngokuba nizakuhleka.


Intokozo yenhliziyo yethu iphelile; ukusina kwethu kuphendulwe ukulila.


Khona intombi iyakujabula ekusineni, izinsizwa namaxhegu kanyekanye, ngokuba ngiyakuphendula ukulila kwabo kube-yinjabulo, ngibaduduze, bajabule ngokudabuka kwabo.


Bayofika bekhala, futhi ngiyobahola ngokunxusa; Ngiyakubahambisa emifuleni yamanzi endleleni eqondileyo, abangayikukhubeka kuyo; ngoba nginguyise ka-Israyeli, futhi u-Efrayimi uyizibulo lami.


Ngathi ngokuhleka: Kuyahlanya nenjabulo: Kwenzani na?


Kuhle kimi ukuthi ngicindezelwe; ukuze ngifunde izimiso zakho.


Kugeleza imifula yamanzi emehlweni ami, ngokuba abawugcini umthetho wakho.


UNehemiya onguTirishatha, no-Ezra, umpristi, nombhali, namaLevi ayefundisa abantu, bathi kubantu bonke: “Lolu suku lungcwele kuJehova uNkulunkulu wenu; ningalili futhi ningakhali. Ngokuba bonke abantu bakhala lapho bezwa amazwi omthetho.


Bathi kuye: “Uyakubabhubhisa kabi labo ababi, isivini sakhe asiqashe kwabanye abalimi, abayakumnika izithelo ngezikhathi zazo.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite