Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




EkaJakobe 3:15 - Contemporary Zulu Bible 2024

15 Lokhu kuhlakanipha kakuveli phezulu, kodwa kungokomhlaba, kwemvelo, kobudeveli.

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

15 Lokhu kuhlakanipha akusikho okwaphezulu kodwa kungokomhlaba, kungokwemvelo, kungokwamademoni;

Gade chapit la Kopi

IsiZulu 2020

15 Lokho kuhlakanipha akuveli phezulu, kodwa kungokomhlaba, okwemvelo nokwamadimoni,

Gade chapit la Kopi

Baasraak Zulu New Testament Bible

15 Lokhu kuhlakanipha kakuveli phezulu, kodwa kungokomhlaba, kwemvelo, kobudeveli.

Gade chapit la Kopi




EkaJakobe 3:15
30 Referans Kwoze  

Kepha ukuhlakanipha kwaphezulu okokuqala kuhlanzekile, bese kuba-nokuthula, nokumnene, nokulalela, kugcwele isihawu nezithelo ezinhle, akunabandlululo, nokungazenzisi.


Izipho zonke ezinhle neziphiwo zonke ezipheleleyo zivela phezulu, zehla kuYise wokukhanya okungekho kuye ukuguquka nasithunzi sokuphenduka.


Ngokuba ukuhlakanipha kwaleli zwe kungubuwula kuNkulunkulu. Ngokuba kulotshiwe ukuthi: Ubamba abahlakaniphileyo ebuqilini babo.


abakuphela kwabo kungukubhujiswa, abaNkulunkulu wabo uyisisu sabo, nodumo lwabo lusehlazweni labo, abanaka izinto zasemhlabeni.


Kepha umuntu wemvelo kakwamukeli okukaMoya kaNkulunkulu, ngokuba kungubuwula kuye;


Ngokuba ukuthokoza kwethu yilokhu, ubufakazi bukanembeza wethu, ukuthi ngobuqotho nangobuqotho bukaNkulunkulu, sihambe ngokuhlakanipha kwenyama kodwa ngomusa kaNkulunkulu, kakhulu kinina kakhulu.


Uma noma ubani kini entula ukuhlakanipha, makacele kuNkulunkulu opha bonke ngobuhle, engasoli; njalo uzakuphiwa.


Kepha uMoya usho ngokucacile ukuthi ngezikhathi zokugcina abanye bayakuhlubuka ekukholweni, benaka omoya abadukisayo nezifundiso zamademoni;


Laba yibo abazahlukanisayo, abenyama, abangenaye uMoya.


Ngoba uNkulunkulu kayithumanga iNdodana yakhe emhlabeni ukuthi ilahle umhlaba; kodwa ukuze umhlaba usindiswe ngaye.


Ngokuba abantu bami bayiziwula, abangazi; bangabantwana ababuthakathaka, futhi abanakuqonda; bahlakaniphile ekwenzeni okubi, kepha ukwenza okuhle abakwazi.


Waphonswa phansi udrako omkhulu, inyoka endala ethiwa uDeveli noSathane, odukisa izwe lonke; waphonswa phansi emhlabeni, nezingelosi zakhe zaphonswa phansi kanye naye.


Zazinenkosi phezu kwazo, ingelosi yakwalasha, egama layo ngesiHeberu lingu-Abadoni, kepha ngesiGreki inegama lokuthi uApoliyoni.


Kepha ngithi kinina nakwabanye abaseThiyathira, nonke eningenasifundiso, eningakwaziyo ukujula kukaSathane, njengokusho kwabo; angiyikubeka phezu kwenu omunye umthwalo.


Yena lowo ukufika kwakhe kungokokusebenza kukaSathane ngawo wonke amandla, nezibonakaliso, nezimangaliso zamanga;


Kodwa ngiyesaba ukuthi njengalokho inyoka yamkhohlisa u-Eva ngobuqili bayo, kanjalo izingqondo zenu zonakaliswe, zisuke ebuqothweni obukuKristu.


Kodwa uNkulunkulu ukhethile izinto zobuthutha zomhlaba ukuze ajabhise ezihlakaniphileyo; futhi uNkulunkulu ukhethile izinto ezibuthakathaka zezwe ukuze ajabhise izinto ezinamandla;


Bezishaya abahlakaniphileyo baba yiziwula;


Wathi: “Wena ogcwele ubuqili bonke nobubi bonke, ndodana kaSathane, sitha sokulunga konke, awuyikuyeka ukuphendukezela izindlela eziqondileyo zeNkosi na?


Nina ningabakayihlo uSathane, nithanda ukwenza izinkanuko zikayihlo. Yena wayengumbulali wabantu kwasekuqaleni, akemi eqinisweni, ngokuba iqiniso lingekho kuye. Nxa ekhuluma amanga, ukhuluma okungokwakhe, ngokuba ungumqambimanga noyise wawo.


Inkosi yamtusa umphathi ongalungile, ngokuba wenze ngokuhlakanipha; ngokuba abantwana balesi sikhathi bahlakaniphile esizukulwaneni sabo kunabantwana bokukhanya.


Iseluleko sika-Ahithofeli asinikeza ngalezo zinsuku sasinjengokungathi umuntu ubuza ezwini likaNkulunkulu; sasinjalo sonke iseluleko sika-Ahithofeli kuDavide naku-Abisalomu.


Kwasekubikelwa uDavida, kwathiwa: UAhithofeli uphakathi kwamagobe kaAbisalomu. UDavide wathi: “Jehova, guqula icebo lika-Ahithofeli libe ubuwula.


Kepha u-Amnoni wayenomngane ogama lakhe linguJonadaba indodana kaShimeya umfowabo kaDavide; uJonadaba wayeyindoda ehlakaniphileyo.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite