Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




EkaJakobe 1:2 - Contemporary Zulu Bible 2024

2 Bazalwane bami, nxa nehlelwa yizilingo ngezilingo, anothi kuyinjabulo yodwa;

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

2 Bazalwane bami, nxa nehlelwa yizilingo ngezilingo, anothi kungukuthokoza kodwa,

Gade chapit la Kopi

IsiZulu 2020

2 Bazalwane bami, uma nehlelwa yizilingo ezinhlobonhlobo, zithatheni ngokuthi zingukuthokoza kuphela,

Gade chapit la Kopi

Baasraak Zulu New Testament Bible

2 Bazalwane bami, nxa nehlelwa yizilingo ngezilingo, anothi kuyinjabulo yodwa;

Gade chapit la Kopi




EkaJakobe 1:2
21 Referans Kwoze  

Ubusisiwe umuntu okhuthazela ekulingweni, ngokuba lapho esevivinyiwe uyakwamukeliswa umqhele wokuphila iNkosi ewuthembisile kwabayithandayo.


Ngokuba niphiwe nina ngenxa kaKristu, kungesikho ukukholwa kuye kuphela, kepha nokuhlupheka ngenxa yakhe;


INkosi iyakwazi ukukhulula ezilingweni abamesabayo, nokugcinela abangalungile usuku lokwahlulelwa, bajeziswe;


engithokozayo khathesi ekuhluphekeni kwami ngenxa yenu, njalo enyameni yami ngigcwalisa okusilele kwezinhlupheko zikaKristu ngenxa yomzimba wakhe, oyibandla;


Ungesabi lezinto ozahlupheka ngazo; khangela, uSathane uzaphosela abanye benu entolongweni, ukuze nilingwe; futhi niyakuba nosizi izinsuku eziyishumi: thembeka kuze kube sekufeni, futhi ngizokunika umqhele wokuphila.


Base bemuka ebusweni bomphakathi bethokoza, ngokuba kwakuthiwe bafanele ukudunyazwa ngenxa yegama lakhe.


Ngokuba nazwelana nami ekuboshweni kwami, nakwamukela ngokuthokoza ukuphangwa kwempahla yenu, nazi ukuthi nina ngokwenu ninempahla engcono nemiyo.


Yebo, noma nginikelwa emhlatshelweni nasenkonzweni yokukholwa kwenu, ngiyathokoza, ngithokoza kanye nani nonke.


Akusikho lokho kuphela, kodwa sizibonga nangezinhlupheko, sazi ukuthi usizi luveza ukubekezela;


Ningaduki, bazalwane bami abathandekayo.


Ngakho-ke, bazalwane bami abathandekayo, wonke umuntu makasheshe ukuzwa, ephuze ukukhuluma, ephuze ukuthukuthela;


Bheka, sithi babusisiwe abakhuthazelayo. Nizwile ngokubekezela kukaJobe, nibonile isiphetho seNkosi; ukuthi iNkosi inesihawu esikhulu, nesihawu.


Ngenxa yalokho thokozani futhi, nithokoze kanye nami.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite