Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




AmaHubo 95:6 - Contemporary Zulu Bible 2024

6 Wozani sikhuleke, sikhothame; masiguqe phambi kukaJehova uMdali wethu.

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

6 Wozani; masikhuleke, sikhothame, siguqe phambi kukaJehova, uMenzi wethu.

Gade chapit la Kopi

IsiZulu 2020

6 Wozani sikhuleke, sikhothame, siguqe phambi kukaSimakade, uMenzi wethu.

Gade chapit la Kopi




AmaHubo 95:6
37 Referans Kwoze  

ukuze ebizweni likaJesu amadolo onke aguqe, awabasezulwini, nawabasemhlabeni, nawabangaphansi komhlaba;


Uyazi yini ukuthi uJehova unguNkulunkulu; nguye owasenzayo, akuthina; singabantu bakhe nezimvu zedlelo lakhe.


UDaniyeli esezwile ukuthi umbhalo usayiniwe, wangena endlini yakhe; amafasitele ekamelo lakhe evulekile ngaseJerusalema, waguqa ngamadolo kathathu ngosuku, wakhuleka, wabonga uNkulunkulu wakhe, njengalokho ebenzile ngaphambili.


Wozani sihlabelele inkazimulo kaJehova, sijabule kulo idwala lensindiso yethu.


Ngalokho ngiyaguqa kuYise weNkosi yethu uJesu Kristu;


Ngokuba uMenzi wakho ungumyeni wakho; NguJehova Sebawoti igama lakhe; noMhlengi wakho, oNgcwele ka-Israyeli; Uyobizwa ngokuthi uNkulunkulu womhlaba wonke.


Ngokuba nathengwa ngenani;


USolomoni wenza isaka lethusi, ubude balo buyizingalo eziyisihlanu, nobubanzi balo buyizingalo eziyisihlanu, nokuphakama kwalo kwakuyizingalo ezintathu, walumisa phakathi negceke; wema phezu kwalo, waguqa phambi kwebandla lonke. Ka-Israyeli futhi welulela izandla zakhe ezulwini,


Yena wahlehla kubo okungaba yibanga lokuphonswa kwetshe, waguqa ngamadolo, wakhuleka.


Ngakho-ke abahluphekayo ngokwentando kaNkulunkulu mababeke kuye imiphefumulo yabo ekwenzeni okuhle njengakuMdali othembekileyo.


Zonke izinto zenziwa nguye; ngaphandle kwakhe akubangakho lutho olwenziwe.


Futhi ngasukuma ngokumelene nomhlatshelo wakusihlwa ekucindezelekeni kwami; ngasengiklebhula ingubo yami nejazi lami, ngaguqa ngamadolo, ngelulela izandla zami kuJehova uNkulunkulu wami,


UMoya nomlobokazi bathi: Woza. Nozwayo makathi: Woza. Nowomileyo makeze. Futhi yilowo nalowo othanda makathathe amanzi okuphila ngesihle.


Kwathi sesiqedile lezo zinsuku, saphuma sahamba; bonke basiphelekezela kanye nawomkabo nabantwana, kwaze kwaba ngaphandle komuzi; saguqa ogwini, sakhuleka.


Ngalolo suku umuntu uyobheka kuMenzi wakhe, futhi amehlo akhe ayobheka koNgcwele ka-Israyeli.


Abahlala ogwadule bayakukhuleka kuye; izitha zakhe ziyokhotha uthuli.


Lapho uSolomoni eseqedile ukwenza wonke lowo mkhuleko nokunxusa kuJehova, wasukuma phambi kwe-altare likaJehova ngemva kokuguqa ngamadolo izandla zakhe zelulele ezulwini.


Ungazikhothameli, ungazikhonzi, ngokuba mina Jehova uNkulunkulu wakho nginguNkulunkulu onomhawu, ohambela ububi bawoyise kubantwana, kwesesithathu nesesine isizukulwane sabangizondayo.


Waseguqa phansi, wamemeza ngelizwi elikhulu wathi: Nkosi, ungababaleli lesisono. Eseshilo lokho walala ubuthongo.


Waqhubeka ingcosana, wawa phansi, wakhuleka ukuba, uma kungenzeka, kudlule kuye isikhathi.


Esezilile ukudla izinsuku ezingamashumi amane nobusuku obungamashumi amane, wagcina walamba.


Ngokuba u-Israyeli wamkhohlwa uMenzi wakhe, wakha amathempeli; uJuda uyandise imizi enezivikelo eziqinile, kepha ngiyakuphonsa umlilo emizini yakhe, uqede izindlu zakhe zobukhosi.


Cabanga ngoMdali wakho emihleni yobusha bakho, zingakafiki izinsuku ezimbi, ingasondeli iminyaka, uma uthi: Angithokozi ngayo;


U-Israyeli makajabule ngaye owamenzayo; abantwana baseSiyoni mabajabule ngeNkosi yabo.


Kepha akakho othi: “Uphi uNkulunkulu, uMdali wami, ohuba ebusuku na?”


Mina Johane ngabona lezizinto nozizwayo. Kwathi sengizwile, sengibonile, ngawa phansi ukuba ngikhuleke phambi kwezinyawo zengelosi eyayingibonise lezi zinto.


Eseshilo lokho waguqa phansi nabo bonke, wakhuleka.


Wozani siphendukele kuJehova, ngokuba udwengulile, uyakusiphulukisa; Washaya, futhi Uzosibopha.


Wathi kuye: “Konke lokhu ngizakukunika khona, uma uziwisa phansi, ukhuleke kimi.


Ibandla lonke lakhuleka, abahlabeleli bahlabelela, nabamacilongo babetha; konke lokhu kwaqhubeka waze waphela umnikelo wokushiswa.


Kwathi sebeqedile ukunikela, inkosi nabo bonke ababe nayo bakhothama, bakhuleka;


Ngaphezu kwalokho, inkosi uHezekiya nezikhulu bayala amaLevi ukuba ahlabelelele uJehova ngamazwi kaDavide naka-Asafa umboni. Bahlabelela izingoma zokudumisa ngentokozo, bagebisa amakhanda abo, bakhuleka.


JOD. Izandla zakho zangenza, zangibumba; ngiphe ukuqonda, ukuze ngifunde imiyalo yakho.


Ngokuba uzithathile izinso zami, wangembesa esiswini sikamame.


Usho kanje uJehova owakudalayo, wakubumba kwasesiswini, yena oyakusiza; Ungesabi, Jakobe, nceku yami; nawe Jeshuruni, engikukhethileyo.


Kepha manje, Jehova, ungubaba; silubumba, wena ungumbumbi wethu; thina sonke singumsebenzi wesandla sakho.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite