Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




AmaHubo 89:36 - Contemporary Zulu Bible 2024

36 Inzalo yakhe iyakuma kuze kube phakade, nesihlalo sakhe sobukhosi sinjengelanga phambi kwami.

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

36 Inzalo yakhe iyakuma phakade, isihlalo sakhe sobukhosi sibe njengelanga phambi kwami.

Gade chapit la Kopi

IsiZulu 2020

36 Abozalo lwakhe bayakuma kuze kube phakade, isihlalo sakhe sobukhosi sibe njengelanga phambi kwami.

Gade chapit la Kopi




AmaHubo 89:36
14 Referans Kwoze  

Bayakwesaba wena, kusekhona ilanga nenyanga, izizukulwane ngezizukulwane.


Ngiyakwenza inzalo yakhe ime kuze kube phakade, nesihlalo sakhe sobukhosi sibe njengezinsuku zezulu.


Mina-ke, lesi yisivumelwano sami labo,” kutsho uJehova; Umoya wami ophezu kwakho, namazwi ami engiwabeke emlonyeni wakho, akuyikusuka emlonyeni wakho, nasemlonyeni wenzalo yakho, nasemlonyeni wenzalo yakho, usho uJehova, kusukela manje kuze kube phakade.


Igama lakhe liyakuma kuze kube phakade; igama lakhe liyohlala kuze kube nini nanini ilanga, futhi abantu bayobusiswa kuye; izizwe zonke ziyakuthi ubusisiwe.


Uyakubusa phezu kwendlu kaJakobe kuze kube phakade; nombuso wakhe awuyikuba nakuphela.


Ukwanda kokubusa nokuthula akuyikuphela, esihlalweni sobukhosi sikaDavide naphezu kombuso wakhe, ukuze umiswe futhi uqiniswe ngokulunga nangobulungisa kusukela manje kuze kube phakade. Ukushisekela kukaJehova Sebawoti kuyakukwenza.


Ngiyakumisa inzalo yakho kuze kube phakade, ngakhe isihlalo sakho sobukhosi ezizukulwaneni ngezizukulwane. Sela.


Indlu yakho nombuso wakho kuyakuma phambi kwakho kuze kube phakade; isihlalo sakho sobukhosi sizaqiniswa kuze kube nininini.


Isixuku samphendula sathi: “Sizwile emthethweni ukuthi uKristu uhlala phakade; usho kanjani ukuthi: INdodana yomuntu imelwe ukuphakanyiswa na? ingubani le Ndodana yomuntu na?


Usho kanje uJehova, uthi: “Uma nisephula isivumelwano sami semini nesivumelwano sami sobusuku, kungabikho imini nobusuku ngesikhathi sako;


Kepha kwaba kuhle kuJehova ukumchoboza; waba lusizi; uma unikela umphefumulo wayo ube ngumnikelo wesono, iyakubona inzalo yayo, yandise izinsuku zayo, nokuthakazelelwa nguJehova kuyakuphumelela esandleni sayo.


UNkulunkulu wenze njalo ku-Abineri, enezele futhi, ngaphandle kokuthi uJehova afunga kuDavide ngesifungo, ngiyakwenza kanjalo kuye;


Khona-ke isivumelwano sami nenceku yami uDavide masiphulwe, angabi nandodana yokubusa esihlalweni sakhe sobukhosi; kanye namaLevi, abapristi, izinceku zami.


UJehova ufungile ubungcwele bakhe ukuthi izinsuku ziyakufika phezu kwakho lapho eyokudonsa ngezingwegwe nenzalo yakho ngezingwegwe zezinhlanzi.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite