Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




AmaHubo 86:3 - Contemporary Zulu Bible 2024

3 Yiba nomusa kimi, Nkosi, ngokuba ngikhala kuwe imihla yonke.

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

3 Yiba nomusa kimi, Nkosi, ngokuba ngikhala kuwe usuku lonke.

Gade chapit la Kopi

IsiZulu 2020

3 Yiba nomusa kimi, Nkosi, ngokuba ngikhala kuwe usuku lonke.

Gade chapit la Kopi




AmaHubo 86:3
13 Referans Kwoze  

Kumholi wokuhlabelela, u-Altashiti, uMikitamu kaDavide, ekubalekeni kwakhe uSawule emhumeni. Ngihawukele, Nkulunkulu, ngihawukele, ngokuba umphefumulo wami wethemba wena, yebo, emthunzini wesandla sakho. Amaphiko ngizophephela kuze kuphele lezi zinhlekelele.


ngokukhuleka konke nokunxusa nikhuleka ngezikhathi zonke ngoMoya, nikulinde ngokubekezela okukhulu nokunxusela abangcwele bonke;


Iso lami liyalila ngenxa yosizi: Jehova, ngikhala kuwe usuku lonke, ngizelulela izandla zami kuwe.


Ngihambise eqinisweni lakho, ungifundise, ngokuba wena unguNkulunkulu wensindiso yami; Ngikulindile usuku lonke.


Engumfelokazi okungathi iminyaka engamashumi ayisishiyagalombili nane, ongasuki ethempelini, ekhonza uNkulunkulu ngokuzila ukudla nangokukhuleka ubusuku nemini.


Kumholi wokuhlabelela ngoJonathelemrekhokimi, uMiktamu kaDavide, lapho amaFilisti emthatha eGati. Ngihawukele, Nkulunkulu, ngokuba umuntu angangidla; olwa imihla ngemihla uyangicindezela.


Ngizokhuleka ngikhale kakhulu ebusuku nasekuseni nasemini, futhi uzolizwa izwi lami.


Kumholi wokuhlabelela ngeNeginoti. Ihubo likaDavide. Ngiphendule lapho ngikhala, Nkulunkulu wokulunga kwami. Ngihawukele, uzwe umkhuleko wami.


Futhi uNkulunkulu kayikuphindisela yini abakhethiweyo bakhe abakhala kuye imini lebusuku, lanxa ebabekezelela?


Izitha zami zikhuluma kabi ngami, zithi: Uyokufa nini, igama lakhe libhubhe na?


Umkhuleko wami mawuze phambi kwakho; beka indlebe yakho ekukhaleni kwami;


Uyafuna ukwenza izimangaliso kwabafileyo na? abafileyo bayakuvuka, bakudumise na? Sela.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite