Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




AmaHubo 86:15 - Contemporary Zulu Bible 2024

15 Kodwa wena, Nkosi, unguNkulunkulu olesihawu lomusa, obekezelayo, omkhulu ngobubele leqiniso.

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

15 Kepha wena Nkosi unguNkulunkulu ohawukelayo, onomusa nokubekezela, uvame ubumnene nokuthembeka.

Gade chapit la Kopi

IsiZulu 2020

15 Wena Nkosi unguNkulunkulu ohawukelayo, unomusa nokubekezela, uvame ubumnene nokwethembeka.

Gade chapit la Kopi




AmaHubo 86:15
21 Referans Kwoze  

U-Israyeli makathembele kuJehova, ngokuba kuJehova kukhona umusa, futhi kuye kukhona insindiso enkulu.


UJehova unesihe, unomusa, uyabekezela, uchichima umusa.


Esilokuhlengwa kuye ngegazi lakhe, ukuthethelelwa kwezono ngokwengcebo yomusa wakhe;


Ngokuba wena, Jehova, umuhle, ukulungele ukuthethelela; futhi kuvama umusa kubo bonke abakhuleka kuwe.


Niklebhule inhliziyo yenu, hhayi izingubo zenu, niphendukele kuJehova uNkulunkulu wenu, ngokuba unomusa, unesihe, uyabekezela, unomusa omkhulu, uyaphenduka ebubini.


UJehova unomusa nesihawu; wephuza ukuthukuthela, mkhulu ngesihawu.


Akavumanga ukulalela, akacabanganga ngezimangaliso zakho owazenza phakathi kwabo; kepha wena wazenza lukhuni izintamo zabo, wabeka umbusi ekuhlubukeni kwabo ukuba babuyele ebugqileni babo; kepha Wena unguNkulunkulu othethelelayo, onomusa nesihe, obhekakade, nomusa omkhulu, futhi awuzange ubalahle.


Ngubani onguNkulunkulu onjengawe, othethelela ububi, adlule isiphambeko sensali yefa lakhe? Akayigodli intukuthelo yakhe kuze kube phakade, ngokuba ujabulela umusa.


Umusa neqiniso kuhlangene; ubulungisa nokuthula kwangana.


Wenza abantu bacabange ngezimangaliso zakhe: uJehova ulomusa lesihawu.


Wakhumbula umusa wakhe nokuthembeka kwakhe kuyo indlu yakwa-Israyeli; yonke imikhawulo yomhlaba iyibonile insindiso kaNkulunkulu wethu.


UJehova uyabekezela, unomusa omkhulu, othethelela ububi neziphambeko, angahlambululi onecala nangayiphi indlela, ahambele ububi bawoyise kubantwana kuze kube isizukulwane sesithathu nesesine.


Kodwa kuwe kukhona ukuthethelelwa, ukuze wesatshwe.


Ngokuba umthetho wanikezwa ngoMose, umusa neqiniso kwavela ngoJesu Kristu.


INkosi yasidlula phambi kwakhe yamemeza yathi: INkosi, iNkosi, uNkulunkulu olesihawu lomusa, obekezelayo, ochichimayo ebuhleni leqiniso!


UDavida wasesithi kuGadi: Ngisosizini olukhulu; mangiwele esandleni sikaJehova; ngokuba umusa wakhe mkhulu kakhulu, kepha mangingaweli esandleni somuntu.


Wakhuleka kuJehova, wathi: “Ngiyakuncenga, Jehova, akusikho lokho engakusho ngisezweni lakithi na? Ngalokho ngabalekela eTharishishi ngaphambili, ngokuba ngangazi ukuthi unguNkulunkulu onomusa nesihe, obhekakade, nochichima umusa, futhi uyaphenduka ebubini.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite