Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




AmaHubo 85:4 - Contemporary Zulu Bible 2024

4 Phenduka, Nkulunkulu wensindiso yethu, luphele ulaka lwakho kithi.

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

4 Sibuyise, Nkulunkulu wensindiso yethu, ulahle ukusicanukela kwakho.

Gade chapit la Kopi

IsiZulu 2020

4 Sibuyise, Nkulunkulu wensindiso yethu, uyeke ukusicasukela.

Gade chapit la Kopi




AmaHubo 85:4
17 Referans Kwoze  

Phenduka, Nkulunkulu, ukhanyise ubuso bakho; futhi siyakusindiswa.


Sibuyise, Nkulunkulu Sebawoti, ukhanyise ubuso bakho; futhi siyakusindiswa.


Ngakho ngiyakumbheka uJehova; ngiyakulindela uNkulunkulu wokusindiswa kwami; uNkulunkulu wami uyakungizwa.


Siphenduke kuwe, Jehova, futhi siyakuzisola; vuselela izinsuku zethu njengakuqala.


Iyakuphendulela inhliziyo yawoyise kubantwana, nenhliziyo yabantwana koyise, ukuze ngingezi futhi ngishaye umhlaba ngesiqalekiso.


Sibuyise, Jehova Nkulunkulu Sebawoti, khanyisa ubuso bakho; futhi siyakusindiswa.


Ihubo likaDavide. UJehova ungukukhanya kwami nensindiso yami; ngizakwesaba bani? uJehova ungamandla okuphila kwami; ngizosaba bani?


Nkulunkulu wami, ngithemba wena; ungangivumeli ngibe namahloni, zingangijabuleli izitha zami.


O Jehova, ngokuvumelana nakho konke ukulunga kwakho, makususwe intukuthelo yakho nolaka lwakho emzini wakho iJerusalema, intaba yakho engcwele, ngenxa yezono zethu nangenxa yobubi bawokhokho bethu iJerusalema nabantu bakho. Ihlazo kubo bonke abaphezu kwethu.


Ngimzwile impela u-Efrayimi ezikhalela kanje; Wangilaya, ngajeziswa njengenkunzi engajwayele ijogwe; ngoba wena unguJehova uNkulunkulu wami.


Nina nikhuleka eningakwaziyo; thina esimkhonzayo siyakwazi, ngokuba ukusindiswa kuvela kumaJuda.


Ngoba kusezakuba yisikhathi esifitshane kakhulu, njalo ulaka luzaphela, lolaka lwami ekubhujisweni kwabo.


Kodwa yena owayelesihawu wabathethelela ububi babo, kababhubhisanga;


Bamisa phezu kwakhe inqwaba enkulu yamatshe kuze kube namuhla. Kanjalo uJehova waphenduka ekuvutheni kwentukuthelo yakhe. Ngalokho igama laleyo ndawo laqanjwa ngokuthi: IsiGodi sase-Agori kuze kube namuhla.


Ngalolosuku uyakuthi: Jehova, ngiyakukubonga; nakuba wawungithukuthelele, intukuthelo yakho yaphenduka futhi wangiduduza.


Angiyikuvumela ukuvutha kolaka lwami kunqobe, angiyikubuya ngichithe u-Efrayimi; ngokuba nginguNkulunkulu, angisiye umuntu; oNgcwele phakathi kwakho, futhi angiyikungena emzini.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite