Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




AmaHubo 84:7 - Contemporary Zulu Bible 2024

7 Baqhubeka bekhula ngamandla, yilowo nalowo eSiyoni ubonakala phambi kukaNkulunkulu.

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

7 Baqhubeka emandleni, baze babonakale phambi kukaNkulunkulu eSiyoni.

Gade chapit la Kopi

IsiZulu 2020

7 Baqhubeka emandleni, baze babonakale phambi kukaNkulunkulu eZiyoni.

Gade chapit la Kopi




AmaHubo 84:7
20 Referans Kwoze  

Kodwa indlela yabalungileyo injengokukhanya okukhazimulayo okuqhubeka kukhanya njalo kuze kube semini enkulu.


Kepha abamethembayo uJehova bathola amandla amasha; bayakukhuphuka ngamaphiko njengezinkozi; bayogijima bangakhathali; futhi bayohamba bangadangali.


Kepha thina sonke esibuka ngobuso obembuliwe inkazimulo yeNkosi njengasesibukweni, siyaguqulwa sifane naye sisuka enkazimulweni siye enkazimulweni, njengalokhu sikuye uMoya weNkosi.


Futhi olungileyo uyogcina indlela yakhe, futhi onezandla ezihlanzekile uyoba namandla futhi aqine.


Kepha khulani emseni nasekwazini iNkosi noMsindisi wethu uJesu Kristu. Inkazimulo mayibe kuye manje kuze kube phakade. Amen.


Thumela ukukhanya kwakho neqiniso lakho; mabangiqondise; mabangiyise entabeni yakho engcwele nasematendeni akho.


Kathathu ngomnyaka bonke abesilisa bakho bayakubonakala phambi kukaJehova uNkulunkulu wakho endaweni ayakuyikhetha; ngomkhosi wesinkwa esingenamvubelo, nangomkhosi wamasonto, nangomkhosi wamadokodo; bangabonakali phambi kukaJehova bengenalutho.


Futhi uma ngiya nginilungisela indawo, ngobuye ngize, nginemukele kimi; ukuze lapho ngikhona, libe khona lani.


Ekugcwaleni kwakhe samukele sonke umusa phezu komusa.


Umphefumulo wami womela uNkulunkulu, uNkulunkulu ophilayo; ngiyakufika nini, ngibonakale phambi kukaNkulunkulu na?


Amagatsha wonke akimi angatheli isithelo uyawasusa;


Ngokuba kuyakuba khona usuku lapho abalindi ezintabeni zakwa-Efrayimi beyakuthi ngalo: Sukumani sikhuphukele eSiyoni kuJehova uNkulunkulu wethu.


Khona thina esisekhona sisasele siyakuhlwithwa kanye nabo emafwini, sihlangabeze iNkosi emoyeni; kanjalo siyakuba neNkosi njalo.


Nalokhu kuyintando kaBaba ongithumileyo, ukuba konke anginike khona ngingalahlekelwa lutho kukho, kodwa ngikuvuse ngosuku lokugcina.


Bonke abaseleyo kuzo zonke izizwe ezakhuphukela eJerusalema bayakukhuphuka iminyaka ngeminyaka ukukhonza iNkosi uJehova Sebawoti, nokugubha umkhosi wamadokodo.


Ngisondeza ukulunga kwami; akuyikuba kude, nensindiso yami ayiyikulibala; ngiyakubeka insindiso eSiyoni ku-Israyeli, inkazimulo yami.


nokunikela ngomhlatshelo njengokushiwo emthethweni weNkosi ukuthi: Amahobhe amabili noma amaphuphu amabili amajuba.


Izinyawo zethu ziyakuma emasangweni akho, Jerusalema.


UJehova uyakukuhola njalo, asuthise umphefumulo wakho endaweni yokomisa, akhuluphalise amathambo akho; futhi uyoba njengensimu eniselwayo nanjengomthombo omanzi awo anganqamuki.


Ngiyakuzenza zona nezindawo ezizungeza intaba yami zibe yisibusiso; ngiyakuwisa imvula ngesikhathi sayo; kuyakuba khona izihlambi zesibusiso.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite