Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




AmaHubo 79:4 - Contemporary Zulu Bible 2024

4 Sesiphenduke ihlazo komakhelwane bethu, inhlekisa nenhlekiso kwabasizungezile.

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

4 Sesiyisihlamba kubakhelwane bethu, umbhinqo nenhlekiso kwabasiphahlileyo.

Gade chapit la Kopi

IsiZulu 2020

4 Sesiphenduke isethuko komakhelwane bethu, umbhinqo nenhlekisa kwabasiphahlileyo.

Gade chapit la Kopi




AmaHubo 79:4
23 Referans Kwoze  

Uyasixabanisa nabakhelwane bethu, nezitha zethu zisihleke zodwa.


O Jehova, ngokuvumelana nakho konke ukulunga kwakho, makususwe intukuthelo yakho nolaka lwakho emzini wakho iJerusalema, intaba yakho engcwele, ngenxa yezono zethu nangenxa yobubi bawokhokho bethu iJerusalema nabantu bakho. Ihlazo kubo bonke abaphezu kwethu.


Angisayikuvuma ukuba abantu bezwe ihlazo lezizwe phakathi kwakho, futhi awusayikuthwala ihlazo lezizwe, futhi ngeke uphinde uvumele izizwe zakho ziwe,” kusho uJehova.


Khona-ke profetha uthi: ‘Usho kanje uJehova, uthi: Ngokuba bakwenze ihlane, bakushwabadela nxazonke, ube yifa lensali yezizwe, uthathwe ezindebeni zabakhulumayo, ube yihlazo kubantu.


Uzakwazi ukuthi mina nginguJehova, lokuthi ngizwile zonke izithuko zakho ozikhulume ngezintaba zakoIsrayeli ngokuthi: Ziyinkangala, ziphiwe thina ukuthi sizidle.


Khumbula, Jehova, esehlele; qaphela, ubone ihlazo lethu.


Ngokuba usho kanje uJehova Sebawoti, uNkulunkulu ka-Israyeli, uthi: Njengalokho intukuthelo yami nokufutheka kwami kuthululiwe phezu kwabakhileyo eJerusalema; kanjalo ulaka lwami luyakuthululwa phezu kwenu, lapho ningena eGibithe; niyakuba yisihlamba, nesimangaliso, nesiqalekiso, nesihlamba; futhi ngeke usayibona le ndawo.


IJerusalema, nemizi yakwaJuda, namakhosi alo, nezikhulu zalo, ukuba bakwenze incithakalo, nesimangaliso, nokunyenyeza, nesiqalekiso; njengoba kunjalo namuhla;


Ngiyakubanikela ukuba banyakaze emibusweni yonke yomhlaba ngenxa yobubi babo, isihlamba nesaga, inhlekisa nesiqalekiso, ezindaweni zonke engiyobaxosha kuzo.


Bonke abadlula ngendlela bayayiphanga; uyihlazo komakhelwane bakhe.


Kepha lapho oSanibhalati umHoroni, noThobiya inceku, umAmoni, noGeshemu umArabhi, bezwa lokho, basihleka, basidelela, bathi: “Kuyini lokhu enikwenzayo na?” nizohlubuka enkosini na?


Ngiyakumchitha u-Israyeli ezweni engimnike lona; lendlu engiyingcwelisele igama lami, ngiyoyilahla ebusweni bami; u-Israyeli uyakuba yisaga nesifenqo phakathi kwezizwe zonke.


Futhi uyakuba yisimangaliso, nesaga, nenhlekisa phakathi kwezizwe zonke lapho uJehova eyakuyisa khona.


Base bethi kimi: “Insali yabathunjwa ezweni isekuhluphekeni okukhulu nasehlazweni; nogange lwaseJerusalema lwalubhidliziwe, namasango alo ashiswa ngomlilo.


Ngalokho ngangcolisa izikhulu zendlu engcwele, ngamnikela uJakobe esiqalekisweni, no-Israyeli ehlazweni.


Sijabhile, ngokuba sizwe inhlamba; amahloni asibekela ubuso bethu, ngokuba abezizwe bangenile ezindaweni ezingcwele zendlu kaJehova.


Bonke abantu bakhe bayabubula, bafuna isinkwa; babanika okumnandi njengokudla kokunciphisa umphefumulo; bheka, Jehova, unake; ngoba sengikhohlakele.


Abaseduze nabakude nawe bayakuklolodela, abanegama elibi nabathukuthele kakhulu.


Ngiyakubutha abadabukileyo ngomkhosi, abaphuma kini, okube ngumthwalo kubo ukuthukwa kwawo.


Futhi njengoba naniyisiqalekiso phakathi kwezizwe, O ndlu yakwaJuda nawe ndlu ka-Israyeli! ngakho ngiyakukusindisa, wena ube yisibusiso; ningesabi, kepha maziqine izandla zenu.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite