Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




AmaHubo 78:58 - Contemporary Zulu Bible 2024

58 Bamthukuthelisa ngokuphakama kwabo, bamvusela intukuthelo ngezithombe zabo ezibaziweyo.

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

58 Bamthukuthelisa ngezindawo zabo eziphakemeyo, bamcunula ngezithombe zabo.

Gade chapit la Kopi

IsiZulu 2020

58 Bamthukuthelisa ngezindawo zabo eziphakemeyo, bamcunula ngezithombe zabo.

Gade chapit la Kopi




AmaHubo 78:58
28 Referans Kwoze  

Bangivusela umhawu ngokungesiye uNkulunkulu; bangiklolodele ngezinto zabo eziyize, futhi ngiyobenza babe nomhawu ngabangebona abantu; ngizabagcona ngesizwe esingelangqondo.


Ngiyakuchitha izindawo zenu eziphakemeyo, nginqume izinsika zenu ezingcwele, ngiphonse izidumbu zenu phezu kwezidumbu zezithombe zenu, umphefumulo wami unengeka nina.


Siyayivusela umhawu iNkosi na? sinamandla kunaye na?


Wenza nendlu ephakemeyo, wamisa abapristi besizwe esiphansi, ababengesibo abantwana bakwaLevi.


USolomoni wamakhela uKemoshi isinengiso sakwaMowabi indawo ephakemeyo entabeni ephambi kweJerusalema, noMologi isinengiso sabantwana bakwa-Amoni.


Niyakuqalekisa zonke izindawo lapho izizwe eniyakuzidla zikhonze khona onkulunkulu bazo, ezintabeni eziphakemeyo, nasemagqumeni, naphansi kwayo yonke imithi eluhlaza;


Manje banezela ukona, bazenzela izithombe ezibunjiwe ngesiliva labo nezithombe njengokuqonda kwabo, konke lokhu kungumsebenzi wezingcweti; bathi ngazo: Abahlabayo mabanga amathole.


Bhekani izwi lokukhala kwendodakazi yabantu bami phezu kwabakhileyo ezweni elikude, lithi: “Akakho uJehova eSiyoni na? Inkosi yayo ayikho kuye na? Bangiklolodelani ngezithombe zabo ezibaziweyo nangezithombe eziyize ezingaziwa na?


Bonke abakhonza izithombe ezibaziweyo bajabhile, abazincoma ngezithombe; nimkhonze, onkulunkulu bonke.


Koze kube nini, Jehova? uzothukuthela kuze kube phakade na? ukushisekela kwenu kuvutha njengomlilo na?


Wamyala ngale ndaba ukuthi angalandeli abanye onkulunkulu, kepha akakugcinanga lokho uJehova amyale ngakho.


Abantwana bakwa-Israyeli babuye benza okubi emehlweni kaJehova, bakhonza oBali, no-Ashitaroti, nonkulunkulu base-Aramu, nonkulunkulu baseSidoni, nonkulunkulu bakwaMowabi, nonkulunkulu babantwana bakwa-Amoni, nonkulunkulu bama-Amoni. Onkulunkulu bamaFilisti, bamshiya uJehova, abamkhonzanga.


Intukuthelo kaJehova yamvuthela u-Israyeli; wathi: “Ngokuba laba bantu beqile isivumelwano sami engabayala ngaso oyise, bengalalelanga izwi lami;


Nokho kabalalelanga abahluleli bawo, kodwa baphinga ngokulandela abanye onkulunkulu, babakhothamela. Kodwa kabakwenzanga lokho.


Uqalekisiwe umuntu owenza noma yisiphi isithombe esibaziweyo noma esibunjiweyo, into enengekayo kuJehova, umsebenzi wezandla zengcweti, asibeke endaweni ecashile. Futhi bonke abantu kumelwe baphendule bathi: Amen!


Aniyikwenza lokhu kuJehova uNkulunkulu wenu.


Khona-ke kumelwe nixoshe bonke abakhileyo ezweni phambi kwenu futhi nibhubhise zonke izithombe zabo eziqoshiwe futhi nibhubhise zonke izithombe zabo ezibunjiwe futhi nizidilize zonke izindawo zabo eziphakemeyo.


Ngoba ungakhonzi omunye unkulunkulu, ngoba uJehova obizo lakhe linguMhawu unguNkulunkulu olomona.


Kepha yena wabuya ezithombeni ezibaziweyo zaseGiligali, wathi: “Nginendaba eyimfihlo kuwe, nkosi, ethi: Thula.” Baphuma kuye bonke ababemi ngakuye.


Abantwana bakwa-Israyeli benza ngasese okubi phambi kukaJehova uNkulunkulu wabo, bazakhela izindawo eziphakemeyo emizini yabo yonke, kusukela embhoshongweni wabalindi kuze kube emzini onogange.


Wasemisa isithombe esibaziweyo sesihlahla awenzileyo endlini iNkosi eyakhuluma ngayo kuDavida lakuSolomoni indodana yakhe ukuthi: Kulindlu leJerusalema engiyikhethileyo ezizweni zonke zakoIsrayeli ngizalikhetha. Misa igama lami kuze kube phakade:


Ngaphezu kwalokho, wenza izindawo eziphakemeyo ezintabeni zakwaJuda futhi wenza ukuba abakhileyo eJerusalema baphinge futhi waphoqelela uJuda ukuba enze kanjalo.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite