Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




AmaHubo 78:49 - Contemporary Zulu Bible 2024

49 Waphonsa phezu kwabo ukuvutha kwentukuthelo yakhe, nolaka, nokufutheka, nosizi, ngokuthuma izingelosi ezimbi phakathi kwabo.

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

49 Waphonsa kubo ukuvutha kwentukuthelo yakhe, nolaka, nokufutheka, nokuhlupheka, ngokuthuma izithunywa zobubi.

Gade chapit la Kopi

IsiZulu 2020

49 Ukuvutha kolaka lwakhe wakuthululela phezu kwabo, ulaka, ukufutheka nokuhlupheka, ngokuthuma izithunywa zobubi.

Gade chapit la Kopi




AmaHubo 78:49
12 Referans Kwoze  

Unisa phezu kwababi izihibe, umlilo, nesibabule, nesiphepho esinamandla; lokhu kuyakuba yisabelo sendebe yabo.


Kwathi ingelosi yelulela isandla sayo eJerusalema ukuyichitha, uJehova wazisola ngobubi, wathi engelosini eyayibhubhisa abantu: “Kwanele, bamba isandla sakho. Ingelosi kaJehova yayisesibuyeni sika-Arawuna umJebusi.


Ngobukhulu bobukhosi bakho wabachitha abakuvukelayo; Wathuma ulaka lwakho, lwabaqeda njengezinhlanga.


Igazi liyakuba yisibonakaliso kini ezindlini enikhona; futhi lapho ngibona igazi, ngizodlula phezu kwenu, futhi isifo ngeke sibe phezu kwenu ukuze sinibhubhise lapho ngishaya izwe laseGibhithe.


Ngalokho ngilindeleni, usho uJehova, kuze kufike usuku engiyakuvuka ngalo ukuphanga; ngoba injongo yami iwukuqoqa izizwe, ukuze ngibuthe imibuso, ukuze ngithulule ulaka lwami phezu kwazo, yebo, lonke ulaka lwami oluvuthayo. Ngoba umhlaba wonke uzaqedwa ngomlilo womhawu wami.


UJehova ulugcwalisile ulaka lwakhe; Wathulula ukufutheka kwakhe, waphemba umlilo eSiyoni, waqeda izisekelo zalo.


Ngakho wathululela phezu kwakhe ukuvutha kolaka lwakhe namandla empi, kwamthungela inhlangothi zonke, kodwa yena engakwazi; wamshisa, kepha akakubekanga enhliziyweni.


Lapho esesuthisa isisu sakhe, uNkulunkulu uzathululela phezu kwakhe ukuvutha kwentukuthelo yakhe, akunise phezu kwakhe ngesikhathi esidla.


UJehova wayesethi kuSathane: “Bheka, konke anakho kusesandleni sakho; ungabeki isandla sakho kuye. USathane wayesesuka ebusweni bukaJehova.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite