Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




AmaHubo 78:24 - Contemporary Zulu Bible 2024

24 Wanisa imana phezu kwabo ukuba badle, wabanika okusanhlamvu kwezulu.

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

24 wanisa phezu kwabo imana* kube ngukudla, wabapha amabele ezulu;

Gade chapit la Kopi

IsiZulu 2020

24 wanisela phezu kwabo imana ukuze badle, wabapha ukudla kwasezulwini.

Gade chapit la Kopi




AmaHubo 78:24
10 Referans Kwoze  

UJehova wayesethi kuMose: “Bheka, ngizakuninisela isinkwa esivela ezulwini; futhi abantu kumelwe baphume futhi baqoqe inani elithile nsuku zonke, ukuze ngibavivinye ukuthi bayohamba yini emthethweni wami noma cha.


Abantu bacela, waletha izigwaca, wabasuthisa ngesinkwa sasezulwini.


Kwathi lapho evuka amazolo alele phansi, bheka, kukhona phezu kogwadule into encane eyindilinga, encane njengongqoqwane emhlabathini.


Wena, Nkulunkulu, wathumela imvula enkulu, owaqinisa ngayo ifa lakho lapho selikhathele.


Wabanika nomoya wakho omuhle ukubafundisa, awugodlanga imana lakho emlonyeni wabo, wabanika amanzi ngokoma kwabo.


Wabapha isinkwa sasezulwini ngenxa yokulamba kwabo, wabakhiphela amanzi edwaleni ngokoma kwabo, wabathembisa ukuthi bayakungena ukulidla izwe owafunga ngesifungo ukubanika lona.


Wakuthobisa, wakulambisa, wakupha imana ongalazi, noyihlo ababengalazi; ukuze akwazise ukuthi umuntu akaphili ngesinkwa sodwa, kodwa ngamazwi onke aphuma emlonyeni kaJehova.


Bonke badla ukudla okufanayo kokomoya;


Nganihola iminyaka engamashumi amane ehlane; izingubo zenu azigugelanga phezu kwenu, nesicathulo sakho asiguganga ezinyaweni zakho.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite