Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




AmaHubo 75:2 - Contemporary Zulu Bible 2024

2 Lapho ngamukela umhlangano, ngizakwahlulela ngokulunga.

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

2 Lapho ngiyakugcina isikhathi esimisiweyo, ngiyakwahlulela ngokulunga.

Gade chapit la Kopi

IsiZulu 2020

2 Wena uthi: “Uma ngiqoka isikhathi esimisiweyo, yiMina engehlulela ngokulunga.

Gade chapit la Kopi




AmaHubo 75:2
12 Referans Kwoze  

Ngathi enhliziyweni yami: “UNkulunkulu uyakwahlulela olungileyo nomubi, ngokuba kukhona isikhathi sawo wonke umqondo nawo wonke umsebenzi.


Ngokuba umisile usuku, ayokwahlulela ngalo izwe ngokulunga ngalowo muntu ammisile; enike bonke isiqinisekiso ngokumvusa kwabafileyo.


Wathi kubo: “Akusikhona okwenu ukwazi izikhathi nezinkathi uBaba azimise ngamandla akhe.


Khona uJesu wathi kubo: “Isikhathi sami asikafiki, kepha isikhathi senu sihlezi silungile.


Uzasukuma ube lomusa eZiyoni, ngoba isikhathi sokulithokozisa, yebo, isikhathi esimisiweyo sesifikile.


Ngizoziphatha ngokuhlakanipha ngendlela ephelele. Oh uzoza nini kimi? Ngizohamba endlini yami ngenhliziyo ephelele.


UDavide wabusa phezu kuka-Israyeli wonke; uDavide wenza ukwahlulela nokulunga kubo bonke abantu bakhe.


Ayesefika onke amadoda amakhulu akwa-Israyeli enkosini eHebroni; inkosi uDavide yenza isivumelwano nawo eHebroni phambi kukaJehova, amgcoba uDavide abe yinkosi kwa-Israyeli.


Amadoda akwaJuda afika amgcoba lapho uDavide abe yinkosi phezu kwendlu yakwaJuda. Bamtshela uDavide, bathi: “Ngamadoda aseJabeshi eGileyadi ammbela uSawule.”


Jehova, unguNkulunkulu wami; Ngifuna ukukuphakamisa, ngidumise iGama laKho; ngoba wenze izimangaliso; icebo lakho lasendulo lithembekile leqiniso.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite