Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




AmaHubo 71:5 - Contemporary Zulu Bible 2024

5 Ngokuba wena uyithemba lami, Nkosi Jehova, ithemba lami kwasebusheni bami.

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

5 Ngokuba wena uyithemba lami, Nkosi Jehova, ithemba lami kwasebusheni bami.

Gade chapit la Kopi

IsiZulu 2020

5 Ngokuba Wena, Nkosi Simakade, uyithemba lami; ngethembele kuwe kwasebusheni bami.

Gade chapit la Kopi




AmaHubo 71:5
21 Referans Kwoze  

Ubusisiwe umuntu othemba kuJehova nothemba lakhe linguJehova.


Manje, Nkosi, ngilindeleni na? ithemba lami likuwe.


O Nkulunkulu, ungifundisile kwasebusheni bami, kuze kube manje ngimemezele izimangaliso zakho.


CAPH. Umphefumulo wami ulangazelela insindiso yakho, kepha ngethemba izwi lakho.


Ungabi yingebhe kimi; uyithemba lami ngosuku lobubi.


Jehova, ngiyethemba insindiso yakho, ngenza imiyalo yakho.


UNkulunkulu wethemba makanigcwalise ngenjabulo yonke nangokuthula konke ekukholweni, ukuze nivame ethembeni ngamandla kaMoya oNgcwele.


Jehova, themba lika-Israyeli, bonke abakushiyayo bayakuba namahloni, nabasuka kimi bayakulotshwa emhlabeni, ngokuba beshiyile uJehova, umthombo wamanzi aphilayo.


O themba lika-Israyeli, msindisi wakhe ngesikhathi sokuhlupheka, kungani uyakuba njengomfokazi ezweni nanjengomhambi ophambukela ukulala ubusuku bonke na?


lokuthi kusukela ebuntwaneni wazi imibhalo engcwele, elamandla okukuhlakaniphisa, kube yinsindiso ngokukholwa kuKristu Jesu.


Umntwana wakhula, waba namandla, egcwala ukuhlakanipha; nomusa kaNkulunkulu wawuphezu kwakhe.


Kepha mina ngethemba umusa wakho; inhliziyo yami iyojabula ngensindiso yakho.


USamuweli wayesethatha uphondo olunamafutha, wamgcoba phakathi kwabafowabo; uMoya kaJehova wehlela phezu kukaDavide kusukela ngalolo suku. USamuweli wasuka, waya eRama.


Bonke abawatholayo bawadla bawaqeda; izitha zabo zathi: “Asicunuki, ngokuba bonile kuJehova, ikhaya lokulunga, ithemba lawoyise, uJehova.”


Cabanga ngoMdali wakho emihleni yobusha bakho, zingakafiki izinsuku ezimbi, ingasondeli iminyaka, uma uthi: Angithokozi ngayo;


Kungani udangale, mphefumulo wami? nikhathazekeleni kimi na? uthembele kuNkulunkulu, ngokuba ngisezakumdumisa oyimpiliso yobuso bami noNkulunkulu wami.


Futhi lapho nje ngisuka kuwe, uMoya kaJehova uzokuyisa lapho engingazi khona; uma ngifika ngitshele u-Ahabi, angakufumani, uyakungibulala; kepha mina, inceku yakho, ngiyamesaba uJehova kwasebusheni bami.


Ngoba ngomnyaka wesishiyagalombili wokubusa kwakhe, esemncane, waqala ukufuna uNkulunkulu kaDavide uyise; ngomnyaka weshumi nambili waqala ukuhlambulula uJuda neJerusalema, wasusa izindawo eziphakemeyo, neziqu zemithi, nezithombe ezibaziweyo, nezithombe ezibunjiweyo.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite