Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




AmaHubo 71:20 - Contemporary Zulu Bible 2024

20 Wena ongenze ngabona izinhlupheko ezinkulu nezibuhlungu, uyakungiphilisa, ungikhuphule ekujuleni komhlaba.

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

20 Wena owasizwisa izinhlupheko eziningi ezimbi, uyakubuye usiphilise, usikhuphule ezinzulwini zomhlaba.

Gade chapit la Kopi

IsiZulu 2020

20 Wena owasikhombisa izinhlupheko ezimbi eziningi, uyobuye usiphilise, usikhuphule ezinzulwini zomhlaba.

Gade chapit la Kopi




AmaHubo 71:20
26 Referans Kwoze  

Noma ngihamba phakathi kokucindezeleka, uyakungiphilisa; Uyakwelulela isandla sakho phezu kolaka lwezitha zami, esokunene sakho siyangisindisa.


Uwazisile abantu bakho izinto ezilukhuni, wasiphuzisa iwayini elimangalisayo.


Ngokuba umusa wakho mkhulu kimi, uwukhululile umphefumulo wami endaweni yabafileyo.


Ngakho kasiyikusuka emuva kuwe; siphilise, khona siyakubiza igama lakho.


Ngehlela phansi kwezintaba; umhlaba nemigoqo yawo wawungizungeza kuze kube phakade; Nokho ukuphakamisile ukuphila kwami ekonakaleni, Jehova Nkulunkulu wami.


IDALETH. Umphefumulo wami unamathele othulini; ngiphilise ngokwezwi lakho.


Ngokuba awuyikushiya umphefumulo wami esihogweni; futhi ngeke uvumele oNgcwele wakho abone ukonakala.


Ngathi kuye: Nkosi, nguwe owaziyo. Yathi kimi: Laba yibo abaphuma osizini olukhulu, bahlanza izingubo zabo, bazenza zaba mhlophe egazini leWundlu.


(Manje lokhu ukuthi wenyuka, kuyini, ngaphandle kokuthi wehlela ezindaweni eziphansi zomhlaba na?


Ngehora lesishiyagalolunye uJesu wamemeza ngezwi elikhulu, wathi: “Eloi, Eloi, lama sabaktani? okungukuthi ngokuhunyushwa: Nkulunkulu wami, Nkulunkulu wami, ungishiyeleni na?


Bheka, nganginomunyu omkhulu ngenxa yokuthula, kepha wawusindisa umphefumulo wami egodini lokubhubhisa, ngokuba walahla zonke izono zami ngemuva kwakho.


Abafileyo benu bayakuphila, kanye nezidumbu zami bayovuka. Vukani nihlabelele nina enihlala othulini, ngokuba amazolo enu anjengamazolo emifino, umhlaba ukhiphe abafileyo.


Awufuni yini ukusenza siphile, ukuze abantu bakho bajabule kuwe na?


Usho kanje uJehova, uthi: “Bheka, ngiyakukuvusela okubi okuvela endlini yakho, ngithathe omkekho phambi kwamehlo akho, ngibanike umakhelwane wakho, alale nawomkekho phambi kwamehlo aleli langa.


uNkulunkulu amvusayo, esethukululile iminjunju yokufa, ngoba kwakungenzeki ukuthi abanjwe yikho.


UJehova uyaphilisa; wehlela eHayidesi, akhuphule;


ukuze othandekayo wakho asindiswe; sindisa ngesandla sakho sokunene ungilalele.


Esandleni sakhe kukhona ukujula komhlaba; namandla ezintaba angawakhe.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite