Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




AmaHubo 71:19 - Contemporary Zulu Bible 2024

19 Nokulunga kwakho kuphakeme kakhulu, Nkulunkulu, wena owenze izinto ezinkulu; O Nkulunkulu, ubani onjengawe!

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

19 Ukulunga kwakho, Nkulunkulu, kufinyelele ezulwini; wena owenze izinto ezinkulu, Nkulunkulu, ngubani onjengawe na?

Gade chapit la Kopi

IsiZulu 2020

19 Nkulunkulu, ukulunga kwakho kufinyelela ezulwini, Wena owenza izinto ezinkulu. Nkulunkulu, ngubani onjengawe na?

Gade chapit la Kopi




AmaHubo 71:19
20 Referans Kwoze  

Onke amathambo ami ayakuthi: “Jehova, ngubani onjengawe, osindisa ompofu konamandla kunaye, yebo, ompofu nompofu komphangiyo na?


Ngokuba umusa wakho mkhulu kuze kube sezulwini, nokuthembeka kwakho emafwini.


Ngokuba njengamazulu ephakeme kunomhlaba, kanjalo izindlela zami ziphakeme kunezindlela zenu, nemicabango yami kunemicabango yenu.


Ngoba uSomandla ungenzele izinto ezinkulu; lingcwele igama lakhe.


Ngubani ongekwesabe, Nkosi yezizwe? ngoba ingeyakho, ngoba phakathi kwabo bonke abahlakaniphileyo bezizwe lemibuso yabo yonke kakho onjengawe.


Pho lingangifanisa lobani, kumbe ngilingane? Kusho uNgcwele.


Pho lingamfanisa lobani uNkulunkulu? noma ningamfanisa nani na?


Phakathi konkulunkulu akakho onjengawe, Nkosi; futhi ayikho imisebenzi efana nemisebenzi yakho.


Makabongwe uJehova uNkulunkulu, uNkulunkulu ka-Israyeli, owenza izimangaliso yedwa.


abenza izinto ezinkulu nezingenakuqondwa; izinto ezimangalisayo ezingenakubalwa:


Ngubani onjengawe, Nkosi, phakathi kwawonkulunkulu? ngubani onjengawe, okhazimula ngobungcwele, owesabeka ngezindumiso, owenza izimangaliso, na?


Kodwa uJehova Sebawoti uyophakanyiswa ekwahluleleni, futhi uNkulunkulu ongcwele uyongcweliswa ngokulunga.


Indlela yokuphila iphezulu kohlakaniphileyo ukuze asuke esihogweni esingaphansi.


Ulwazi olunjalo luyangimangalisa; iphakeme, angikwazi ukuyifinyelela.


Ukuhlakanipha kuphakeme kunesiwula; asiwuvuli umlomo waso esangweni.


O Nkosi Jehova, usuqalile ukubonisa inceku yakho ubukhulu bakho nesandla sakho esinamandla; ngokuba yimuphi uNkulunkulu ezulwini noma emhlabeni ongenza ngokwemisebenzi yakho nangamandla akho na?


Yeka ubukhulu bomusa wakho, Nkulunkulu! ngalokho abantwana babantu babeka ithemba labo ethunzini lamaphiko akho.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite