Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




AmaHubo 68:5 - Contemporary Zulu Bible 2024

5 Uyise wezintandane nomahluleli wabafelokazi nguNkulunkulu endlini yakhe engcwele.

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

5 uyise wezintandane, umahluleli wabafelokazi, uNkulunkulu endlini yakhe engcwele,

Gade chapit la Kopi

IsiZulu 2020

5 UnguYise wezinkedama, nomvikeli wabafelokazi; unguNkulunkulu osendaweni yakhe yokuhlala engcwele.

Gade chapit la Kopi




AmaHubo 68:5
26 Referans Kwoze  

Wena wakubona; ngokuba ubona ububi nobubi ukuba ukuphindise ngakho ngesandla sakho; abampofu bayazinikela kuwe; ungumsizi wentandane.


Shiya izintandane zakho, mina ngiyakuziphilisa; nabafelokazi benu mabathembele Kimi.


Uyahlulela intandane nomfelokazi, uthanda umfokazi ngokumnika ukudla nezingubo.


Bakhuluphele, bayakhazimula, yebo, badlula imisebenzi yababi; futhi ilungelo labampofu abalahluleli.


UJehova uyabavikela abezizweni; uyasiza izintandane nabafelokazi, kepha indlela yababi uyayihlehlisa.


Izikhulu zakho ziyizihlubuki nabangane bamasela; wonke umuntu uthanda izipho futhi ujaha imivuzo; abahluleli izintandane, necala lomfelokazi alifiki kubo.


Ngokuba usho kanje oPhezukonke, ohlala phakade, ogama lakhe lingcwele; ngihlala phezulu nasendlini engcwele, ngikanye nabadabukileyo komoya othobekileyo, ukuvuselela umoya wabathobekileyo, ngivuselele inhliziyo yabadabukileyo.


Izakwahlulela abampofu babantu, isindise abantwana abampofu, ichoboze umcindezeli.


Ukwahlulela izintandane nabacindezelweyo, ukuze umuntu wasemhlabeni angabe esacindezela.


Kodwa ngikwakhele indlu nendawo yokuhlala kuze kube phakade.


Ngakho yibani ngabalingisa uNkulunkulu njengabantwana abathandekayo;


Usho kanje uJehova, uthi: “Izulu liyisihlalo sami sobukhosi, nomhlaba uyisenabelo sezinyawo zami. Iphi indlu oNgakhela yona? iphi indawo yami yokuphumula na?


Uyakwahlulela abantu bakho ngobulungisa, nabampofu bakho ngokwahlulela;


Esendaweni yakhe yokuhlala uyababona bonke abakhileyo emhlabeni.


Abapristi bamaLevi basukuma bababusisa abantu, izwi labo lezwakala, nomkhuleko wabo wakhuphukela endaweni yakhe yokuhlala engcwele ezulwini.


IAsiriya ngeke isikhulule; asiyikugibela amahhashi, nomsebenzi wezandla zethu asisayikusho ukuthi: Ningonkulunkulu bethu, ngokuba intandane ithola umusa kuwe.


Bheka phansi usendaweni yakho engcwele ezulwini, ubusise abantu bakho u-Israyeli kanye nezwe osinike lona, njengoba wathembisa okhokho bethu ngesifungo, izwe elichichima ubisi nezinyosi.


Futhi uNkulunkulu wathi kuMose: “Uzakusho kanje kubantwana bakwa-Israyeli, uthi: ‘UJehova uNkulunkulu wawoyihlo, uNkulunkulu ka-Abrahama, uNkulunkulu ka-Isaka, noNkulunkulu kaJakobe, ungithumile kini: igama lami. Kuze kube phakade, lesi yisikhumbuzo sami ezizukulwaneni ngezizukulwane.


Ngivulele amasango okulunga; ngizongena ngalo ngidumise uJehova.


Konke okuphefumulayo makudumise uJehova. Dumisani uJehova.


Ngalolo suku niyakuthi: Dumisani uJehova, nibize igama lakhe, nimemezele izenzo zakhe phakathi kwezizwe, nisho ukuthi igama lakhe liphakeme.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite