Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




AmaHubo 68:27 - Contemporary Zulu Bible 2024

27 Kukhona uBenjamini omncane kanye nabaholi babo, izikhulu zakwaJuda nomkhandlu wabo, izikhulu zakwaZebuloni nezikhulu zakwaNafetali.

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

27 Nango uBenjamini, omncane, umbusi wabo, neviyo lezikhulu zakwaJuda, izikhulu zakwaZebuloni nezikhulu zakwaNafetali.

Gade chapit la Kopi

IsiZulu 2020

27 Nango uBhenjamini ongomncinyane kubo bonke, uyababusa, izikhulu zakwaJuda zingumzimba, nezikhulu zakwaZebuloni nezakwaNafethali.

Gade chapit la Kopi




AmaHubo 68:27
17 Referans Kwoze  

USawule waphendula wathi: “Angisiye owakwaBenjamini yini, omncane wezizwe zakwa-Israyeli na? nesizukulwane sami sibe sincane kuzo zonke izizukulwana zesizwe sakwaBenjamini? pho kungani ukhuluma nami kanjalo?


Umhawu ka-Efrayimi uyomuka, nabamelene noJuda bayonqunywa; U-Efrayimi ngeke amhawukele uJuda, noJuda ngeke amcasule u-Efrayimi.


Ngowami iGileyadi, ungowami uManase; U-Efrayimi ungamandla ekhanda lami; UJuda ungumenzi womthetho wami;


Ababusi babantu baqoqiwe, yebo, abantu bakaNkulunkulu ka-Abrahama, ngokuba izihlangu zomhlaba zingezikaNkulunkulu; uphakeme kakhulu.


Owesishiyagalolunye ngenyanga yesishiyagalolunye kwakungu-Abhiyezeri waseAnathoti wakwaBenjamini; esigabeni sakhe kwakukhona izinkulungwane ezingamashumi amabili nane.


UDavide wabutha wonke u-Israyeli eJerusalema ukuba alethe umphongolo kaJehova endaweni yawo ayewulungisele wona.


Kubantwana bakwaBenjamini, umndeni kaSawule, izinkulungwane ezintathu; ngoba kuze kube manje iningi labo laliqaphe umlindi wendlu kaSawule.


Kwafika nabanye babantwana bakwaBenjamini noJuda entabeni kanye noDavide.


UJehova wahlula uBenjamini phambi kuka-Israyeli; abantwana bakwa-Israyeli babulala kwaBenjamini ngalolo suku izinkulungwane ezingamashumi amabili nanhlanu nekhulu; bonke bahosha izinkemba zabo.


UZebuloni noNafetali babengabantu abadela ukuphila kwabo kwaze kwaba sekufeni ezindaweni eziphakeme zezwe.


Siyizelamani eziyishumi nambili, amadodana kababa; enye kakho, encane ikubaba namuhla ezweni laseKhanani.


Owesizwe sakwaBenjamini: u-Elidadi indodana kaKisiloni.


U-Abineri naye wakhuluma ezindlebeni zikaBenjamini, u-Abineri naye waya ukukhuluma ezindlebeni zikaDavide eHebroni konke okwakukuhle ku-Israyeli nakuyo yonke indlu yakwaBenjamini.


Unyawo lwami lumi endaweni ehlelelekileyo; emabandleni ngiyakumdumisa uJehova.


Zwana lokhu, wena ndlu kaJakobe, elibizwé phezu kwayo igama lika-Israyeli, enaphuma emanzini akwaJuda, enifunga igama likaJehova, nibiza uNkulunkulu ka-Israyeli, kungengeqiniso, noma ukulunga hhayi.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite