Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




AmaHubo 68:14 - Contemporary Zulu Bible 2024

14 Lapho uSomandla ehlakaza amakhosi kulo, kwaba mhlophe njengeqhwa eSalimoni.

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

14 Nxa uSomandla ehlakaza amakhosi kulo, likhithika iqhwa eSalimoni.

Gade chapit la Kopi

IsiZulu 2020

14 Ngesikhathi uSomandla ehlakaza amakhosi lapho, kwakhithika iqhwa eZalimoni.

Gade chapit la Kopi




AmaHubo 68:14
10 Referans Kwoze  

Wozani manje siyilungise indaba, usho uJehova; noma izono zenu zibomvu kakhulu, ziyakuba mhlophe njengeqhwa; noma zibomvu njengokubomvu, ziyakuba njengoboya bezimvu.


Ngihlanze ngehisopi, ngihlambuluke; ngigeze, ngibe mhlophe kuneqhwa.


U-Abimeleki wakhuphukela entabeni yaseSalimoni, yena nabo bonke abantu ababenaye; u-Abimeleki waphatha imbazo ngesandla sakhe, wagawula igatsha ezihlahleni, walithatha, walibeka ehlombe lakhe, wathi kubantu ababe naye: “Sheshani eningibona ngikwenza. Ngenze njengoba ngenzile.


U-Israyeli wayengcwele kuJehova nolibo lwezithelo zakhe; bonke abasidlayo bayokhubeka; okubi kuyakubehlela, usho uJehova.


Abantu bamkhonza uJehova zonke izinsuku zikaJoshuwa nezinsuku zonke zamalunga ayesephila emva kukaJoshuwa ababona zonke izenzo ezinkulu zikaJehova azenzele u-Israyeli.


UJehova walilalela izwi lika-Israyeli, wawanikela amaKhanani; bawaqalekisa nemizi yawo, waqamba igama laleyo ndawo ngokuthi iHorma.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite