Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




AmaHubo 66:7 - Contemporary Zulu Bible 2024

7 Uyabusa ngamandla akhe kuze kube phakade; amehlo akhe abona izizwe; abahlubukayo mabangaziphakamisi. Sela.

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

7 Ubusa ngamandla akhe kuze kube phakade; amehlo akhe ayahlozinga izizwe; abanenkani mabangaziphakamisi. Sela*

Gade chapit la Kopi

IsiZulu 2020

7 Ubusa ngamandla akhe kuze kube phakade. Amehlo akhe aqaphe izizwe, abanenkani bangaziphakamisi.

Gade chapit la Kopi




AmaHubo 66:7
21 Referans Kwoze  

UJehova usethempelini lakhe elingcwele, isihlalo sobukhosi sikaJehova sisezulwini; amehlo akhe ayabona, izinkophe zakhe ziyabahlola abantwana babantu.


UJesu wasondela wakhuluma kubo, wathi: “Ngiphiwe amandla onke ezulwini nasemhlabeni.


Futhi bonke abakhileyo emhlabeni babhekwa njengento engelutho; futhi wenza njengentando yakhe ebandleni lasezulwini naphakathi kwabakhileyo emhlabeni; akakho ongabamba isandla sakhe, athi kuye: ‘Wenzani na?’


Unganiki, Jehova, izifiso zomubi; lingasekho icebo lakhe elibi; ukuze bangaziphakamisi. Sela.


UJehova uyabheka esezulwini; uyababona bonke abantwana babantu.


Ngokuba amehlo kaJehova aqalaza emhlabeni wonke ukuba abe namandla ngenxa yalabo abanhliziyo yabo iphelele kuye. Kulokhu nenze ubuwula; ngalokho niyakuba nezimpi kusukela manje kuqhubeke.


Ungasingenisi ekulingweni, kodwa usikhulule kokubi, ngokuba umbuso ungowakho, namandla, nenkazimulo, kuze kube phakade. Amen.


UNkulunkulu wakhuluma kanye; kabili ngizwile; lawo mandla angakaNkulunkulu.


Uhlakaniphile ngenhliziyo, unamandla emandleni; ngubani owazenza lukhuni kuye, waba nempumelelo?


Manje sengiyazi ukuthi uJehova mkhulu kunabo bonke onkulunkulu, ngoba endabeni ababezidla ngayo wayephezu kwabo.


Umbuso wakho ungumbuso waphakade, nombuso wakho uzizukulwane ngezizukulwane.


Ngokuba ukukhushulwa akuveli empumalanga noma entshonalanga noma eningizimu.


Ngasekugcineni kwezinsuku mina, Nebukadinesari, ngaphakamisela amehlo ami ezulwini, nokuqonda kwami kwabuyela kimi, ngambonga oPhezukonke, ngamdumisa, ngamdumisa yena ophila kuze kube phakade, ombuso wakhe ungumbuso ophakade, nokubusa kwakhe kungokwesizukulwane ngezizukulwane;


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite