Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




AmaHubo 65:4 - Contemporary Zulu Bible 2024

4 Ubusisiwe umuntu omkhethayo, umvumele asondele kuwe, ukuze ahlale emagcekeni akho; siyakusutha ngokuhle kwendlu yakho, okwethempeli lakho elingcwele.

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

4 Ubusisiwe omkhethayo wena, omsondezayo ukuba ahlale emagcekeni akho; siyakusutha ngokuhle kwendlu yakho, ithempeli lakho elingcwele.

Gade chapit la Kopi

IsiZulu 2020

4 Ubusisiwe okhethwe nguwe, wamsondeza ukuba ahlale emagcekeni akho. Siyosuthiswa ngokuhle okuvela endlini yakho, ithempeli lakho elingcwele.

Gade chapit la Kopi




AmaHubo 65:4
22 Referans Kwoze  

Babusisiwe abahlala endlini yakho; basazokudumisa. Sela.


Njengalokho wasikhetha kuye ngaphambi kokusekelwa kwezwe, ukuze sibe ngcwele, singasoleki phambi kwakhe othandweni;


Impela, okuhle nomusa kuyakungilandela zonke izinsuku zokuhamba kwami, futhi ngiyakuhlala endlini kaJehova kuze kube phakade.


Bayakusuthiswa ngamanoni endlu yakho; futhi kumelwe ubaphuzise emfuleni wenjabulo yakho.


Sibusisiwe isizwe esiNkulunkulu waso nguJehova; nabantu abakhethile njengefa lakhe.


Kodwa yazini ukuthi uJehova umhlukanisele owesabayo; uJehova uyakuzwa lapho ngimbiza.


Onqobayo ngiyakumenza insika ethempelini likaNkulunkulu wami, futhi akasayikuphuma ephuma, futhi ngiyakuloba phezu kwakhe igama likaNkulunkulu wami, negama lomuzi kaNkulunkulu wami, oyiJerusalema elisha, owehla ezulwini kuNkulunkulu wami: futhi ngizobhala phezu kwakhe igama lami elisha.


Ngokuba ngiyawusuthisa umphefumulo okhatheleyo, ngigcwalise yonke imiphefumulo edabukileyo.


Umphefumulo wami uyakusutha kungathi ngamanoni namafutha; umlomo wami uyakukudumisa ngezindebe ezithokozayo.


Ihubo likaDavide. Jehova, ngubani oyakuhlala etendeni lakho na? ngubani oyakuhlala entabeni yakho engcwele na?


Phakamisani amakhanda enu, O masango! futhi ziphakamiseni, minyango yaphakade! futhi inkosi yodumo iyongena.


Mina-ke, ngizabubona ubuso bakho ekulungeni; Ngiyokwaneliswa ekuvukeni kwami, ngomfanekiso wakho.


Kepha thina simelwe ukubonga njalo kuNkulunkulu ngani, bazalwane abathandwa yiNkosi, ngokuba kwasekuqaleni uNkulunkulu wanikhethela ukusindiswa ngokungcweliswa kukaMoya nangokukholwa yiqiniso;


Ngokuba uJehova uzikhethele uJakobe no-Israyeli ukuba abe yifa lakhe.


Yizwa usemazulwini, yebo, usendaweni yakho yokuhlala, umkhuleko wabo nokunxusa kwabo, ubamele indaba yabo, uthethelele abantu bakho abonile kuwe.


Amanxeba ami ayanuka, awonakele ngenxa yobuwula bami.


Ngubani onguNkulunkulu onjengawe, othethelela ububi, adlule isiphambeko sensali yefa lakhe? Akayigodli intukuthelo yakhe kuze kube phakade, ngokuba ujabulela umusa.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite