Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




AmaHubo 62:12 - Contemporary Zulu Bible 2024

12 Umusa ungowakho, Nkosi, ngokuba uvuza yilowo nalowo ngokomsebenzi wakhe.

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

12 Nomusa ungowakho, Nkosi; ngokuba wena umphindisela umuntu njengokwenza kwakhe.

Gade chapit la Kopi

IsiZulu 2020

12 nobubele bungobakho, Nkosi. Umuntu umvuza ngangokwenza kwakhe.

Gade chapit la Kopi




AmaHubo 62:12
26 Referans Kwoze  

Ngokuba iNdodana yomuntu iyakuza ngenkazimulo kaYise kanye nezingelosi zayo; khona-ke iyakuvuza yilowo nalowo ngesenzo sakhe.


UJehova unesihe, unomusa, uyabekezela, uchichima umusa.


Ngomsebenzi womuntu uyakubuyisela kuye, kube yilowo nalowo athole njengezindlela zakhe.


Oyakubuyisela kulowo nalowo ngokwemisebenzi yakhe;


Kodwa wena, Nkosi, unguNkulunkulu olesihawu lomusa, obekezelayo, omkhulu ngobubele leqiniso.


Ngokuba sonke simelwe ukubonakala phambi kwesihlalo sokwahlulela sikaKristu; ukuze yilowo nalowo amukele izinto ezenziwe ngomzimba wakhe, njengalokho akwenzileyo, noma kuhle noma kubi.


Kepha otshalayo noniselayo bamunye, kepha yilowo nalowo uyakwamukeliswa owakhe umvuzo ngokomshikashika wakhe.


Ngubani onguNkulunkulu onjengawe, othethelela ububi, adlule isiphambeko sensali yefa lakhe? Akayigodli intukuthelo yakhe kuze kube phakade, ngokuba ujabulela umusa.


Kuyo iNkosi uNkulunkulu wethu kukhona umusa nentethelelo, nakuba simhlubukile;


Ngakho ngiyakunahlulela nina ndlu ka-Israyeli, kube yilowo nalowo ngokwezindlela zakhe, isho iNkosi uJehova. Phendukani, niphenduke kuzo zonke iziphambeko zenu; ngakho ububi abuyikuba ukuwa kwenu.


Uma nithi: Bheka, besingakwazi lokhu; Uyakucabangela lokho inhliziyo ekuzindlayo? ogcina umphefumulo wakho akakwazi na? futhi ngeke yini abuyisele kulowo nalowo ngokwemisebenzi yakhe?


Bheka, ngiyeza masinyane; nomvuzo wami ukimi, ukumnika yilowo nalowo njengomsebenzi wakhe.


Futhi uma nibiza uBaba owahlulela wonke umuntu ngokomsebenzi womuntu engakhethi buso, sebenzisani isikhathi sokuhlala kwenu lapha ngokwesaba;


Kepha owenza okubi uyakwamukeliswa okubi akwenzileyo; akukho ukukhetha komuntu.


lisazi ukuthi konke okuhle umuntu akwenzayo, uyakwamukeliswa ngakho eNkosini, noma eyisigqila noma engokhululekileyo.


O Nkulunkulu wami, beka indlebe yakho ulalele; vula amehlo akho, ubone ukuchithwa kwethu nomuzi igama lakho elibizwe ngawo, ngokuba asilethi ukunxusa kwethu phambi kwakho ngenxa yokulunga kwethu, kepha ngenxa yomusa wakho omkhulu.


Kodwa lina lithi: Indlela yeNkosi kayilingani. O ndlu ka-Israyeli, ngizokwahlulela, kube yilowo nalowo ngokwezindlela zakhe.


Inkosi iyolila, nesikhulu siyokwembatha incithakalo, nezandla zabantu bezwe ziyokwesaba; bazakwazi ukuthi nginguJehova.


Umkhulu ngesiluleko, unamandla emsebenzini, ngokuba amehlo akho avulekile kuzo zonke izindlela zabantwana babantu ukuba unike, kube yilowo nalowo njengezindlela zakhe, njengokwezithelo zezenzo zakhe.


Kepha umusa kaJehova ukhona kwabamesabayo kusukela phakade kuze kube phakade, nokulunga kwakhe kubantwana babantwana;


Ngokuba wena, Jehova, umuhle, ukulungele ukuthethelela; futhi kuvama umusa kubo bonke abakhuleka kuwe.


Ingcebo nodumo kuvela kuwe, wena ubusa phezu kwakho konke; futhi esandleni sakho kukhona amandla namandla; futhi esandleni sakho kukhona ukukhulisa nokunika amandla kubo bonke.


Uma ngikhuluma ngamandla, bheka, yena unamandla;


Ngokuba uNkulunkulu ukhuluma kanye, yebo, nakabili, kepha umuntu akakuboni.


Uma simthinta uSomandla, asinakumfumana: mkhulu ngamandla, nangokwahlulela, nobuningi bokulunga; Ngeke acindezele.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite