Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




AmaHubo 59:5 - Contemporary Zulu Bible 2024

5 Wena-ke, Jehova Nkulunkulu Sebawoti, Nkulunkulu ka-Israyeli, vuka uhambele zonke izizwe; ungabonisi umusa kunoma yiziphi izeqamthetho. Sela.

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

5 Wena kambe, Jehova Nkulunkulu Sebawoti, Nkulunkulu ka-Israyeli, vuka uphindisele bonke abezizwe, ungahawukeli namunye kwabahlubukileyo. Sela*

Gade chapit la Kopi

IsiZulu 2020

5 Wena, Simakade Nkulunkulu Wamabandla, Nkulunkulu ka-Israyeli, vuka ujezise zonke izizwe, ungahawukeli namunye kwabahlubukileyo. Sela

Gade chapit la Kopi




AmaHubo 59:5
19 Referans Kwoze  

Jehova Nkulunkulu Sebawoti, yizwa umkhuleko wami; lalela, Nkulunkulu kaJakobe! Sela.


Ukufa makubafice, behlele esihogweni bephila, ngokuba ububi busezindlini zabo naphakathi kwabo.


Abezizwe bacwila emgodini ababewenzile; enetheni bacasha, olwabo unyawo lwabanjwa.


Ngokuba ukwahlulela okungenasihawu uyakuba nomusa; nesihawu siyathokoza ekwahlulelweni.


Kungesikho ukuthi ilizwi likaNkulunkulu lehlulekile. Ngokuba abasibo bonke abakwa-Israyeli abaphuma ku-Israyeli;


Aninjengabantwana bamaKushe yini kimi, nina bantwana bakwa-Israyeli? kusho uJehova. Angimkhuphulanga yini u-Israyeli ezweni laseGibithe na? namaFilisti eKafitori, nama-Aramu aseKiri?


Kepha wena Jehova, uyawazi wonke amasu abo okungibulala; ungathetheleli ububi babo, ungasusi isono sabo ebusweni bakho, kodwa mabaphenduke phambi kwakho; yenza kanjalo kubo ngesikhathi solaka lwakho.


Uma ingatsha zawo zibunile, ziyakuphulwa; beza abesifazane bazithungele ngomlilo; ngoba bangabantu abangenangqondo; ngakho-ke Lowo owabenzayo akayikuba nesihe kubo, futhi Lowo owababumba akazukubonisa umusa.


Yizwani izwi likaJehova nina baphathi baseSodoma! lalelani umthetho kaNkulunkulu wethu, bantu baseGomora!


Jehova Nkulunkulu Sebawoti, koze kube nini uthukuthelela umkhuleko wabantu bakho na?


Ngokuba abezizwe bangivukele, nabacindezeli bafuna umphefumulo wami; kababekanga uNkulunkulu phambi kwabo. Sela.


Ungazikhothameli, ungazikhonzi, ngokuba mina Jehova uNkulunkulu wakho nginguNkulunkulu onomhawu, ohambela ububi bawoyise kubantwana, kwesesithathu nesesine isizukulwane sabangizondayo.


Futhi uNkulunkulu wathi kuMose: “Uzakusho kanje kubantwana bakwa-Israyeli, uthi: ‘UJehova uNkulunkulu wawoyihlo, uNkulunkulu ka-Abrahama, uNkulunkulu ka-Isaka, noNkulunkulu kaJakobe, ungithumile kini: igama lami. Kuze kube phakade, lesi yisikhumbuzo sami ezizukulwaneni ngezizukulwane.


Wamisa khona i-altare, walibiza ngokuthi i-Elohe-Israyeli.


Ngakho ibandla lezizwe liyakukuhaqa; ngakho-ke niphenduka phezulu ngenxa yabo.


Bonke abongameli bombuso, nababusi, nezikhulu, nabeluleki, nababusi, bacebisana ukuba kumiswe isimiso sobukhosi, benze isinqumo esiqinile, sokuthi yilowo nalowo ocela isicelo kunoma yimuphi uNkulunkulu noma acele izinsuku ezingamashumi amathathu, ngaphandle kwakho, nkosi, iyophonswa emphandwini wezingonyama.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite