Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




AmaHubo 55:23 - Contemporary Zulu Bible 2024

23 Kepha wena, Nkulunkulu, uyakubahlisela egodini lokubhujiswa; kepha mina ngiyakwethemba wena.

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

23 Wena Nkulunkulu uyakubaphonsa egodini lokubhubhisa; abantu begazi nenkohliso abayikufinyelela nasenxenyeni yezinsuku zabo; kepha mina ngizakwethemba wena.

Gade chapit la Kopi

IsiZulu 2020

23 Wena Nkulunkulu uzobaphonsa emgodini ojulileyo abantu abomele igazi nabakhohlisayo; izinsuku zabo zokuphila aziyukuba ngisho nayingxenye yazo, kodwa mina ngizokwethemba Wena.

Gade chapit la Kopi




AmaHubo 55:23
19 Referans Kwoze  

Ukumesaba uJehova kwandisa izinsuku, kepha iminyaka yababi iyafinyezwa.


Uyakubhubhisa abakhuluma kabi; uJehova uyamenyanya umuntu wegazi nokhohlisayo.


Uyoqedwa ngaphambi kwesikhathi sawo, futhi igatsha lawo ngeke libe luhlaza.


Bheka, nganginomunyu omkhulu ngenxa yokuthula, kepha wawusindisa umphefumulo wami egodini lokubhubhisa, ngokuba walahla zonke izono zami ngemuva kwakho.


Ungabi mubi kakhulu, ungabi-yiziwula; ubuyakufelani isikhathi sakho singakafiki na?


Impela ubabekile ezindaweni ezibushelelezi, wabaphonsa ekubhujisweni.


Indawo yabafileyo nokubhujiswa akugcwali; kanjalo amehlo omuntu awasuthi.


Indawo yabafileyo nencithakalo kuphambi kukaJehova; kakhulu kangakanani kunezinhliziyo zabantwana babantu?


Izimbiza zenu zingakawezwa ameva, iyakuwasusa kungathi ngesivunguvungu, iphila nangokufutheka kwayo.


Nkulunkulu wami, ngithemba wena; ungangivumeli ngibe namahloni, zingangijabuleli izitha zami.


U-Abineri esebuyele eHebroni, uJowabe wamthathela eceleni esangweni ukuba akhulume naye ngasese, wamgwaza lapho esiswini, wafa ngenxa yegazi lika-Asaheli umfowabo.


Ogcina umphefumulo wethu uphila, ongavumeli izinyawo zethu zikhubeke.


Impela akayikuzanyazanyiswa kuze kube phakade; olungileyo uyakuba sesikhumbuzini esiphakade.


Kayikuvuma unyawo lwakho lukhubeke; yena okugadileyo akozeli.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite