Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




AmaHubo 5:9 - Contemporary Zulu Bible 2024

9 Ngokuba akukho ukuthembeka emlonyeni wabo; ingaphakathi labo libi kakhulu; umphimbo wabo uyingcwaba elivulekileyo; bayathopha ngolimi lwabo.

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

9 Ngokuba alikho iqiniso emlonyeni wabo; izibilini zabo zingukonakala: umphimbo wabo uyithuna elivulekileyo; bayathopha ngolimi lwabo.

Gade chapit la Kopi

IsiZulu 2020

9 Ngokuba alikho iqiniso emilonyeni yabo; izibilini zabo zingukonakala: umphimbo wabo uyithuna elivulekileyo; bayathopha ngolimi lwabo.

Gade chapit la Kopi




AmaHubo 5:9
25 Referans Kwoze  

Umphimbo wabo uyithuna elivulekileyo; ngolimi lwabo basebenzisa inkohliso; ubuthi bezinyoka buphansi kwezindebe zabo;


Bacebisana kuphela ukuze bamlahle ekuphakameni kwakhe; bajabulela amanga; bayabusisa ngomlomo wabo, kepha ezibilinini zabo bayathuka. Sela.


Ngokuba ingcebo yalo igcwele ubudlova, nabakhileyo kuyo bakhulume amanga, nolimi lwabo lunenkohliso emlonyeni wabo.


Umuntu othopha umakhelwane wakhe wenekela izinyawo zakhe inetha.


Bheka, wena ufisa iqiniso ngaphakathi, futhi ekusithekeni uyofunda ukuhlakanipha kwami.


Maye kinina babhali nabaFarisi, bazenzisi! ngokuba ninjengamathuna angabonakali, nabantu abahamba phezu kwawo bengawazi.


Ulimi lwakho luceba okubi; njengensingo ebukhali esebenza ngokukhohlisa.


Inhliziyo iyakhohlisa ngaphezu kwakho konke, nenhliziyo yonakele; ngubani ongakwazi?


Jerusalema, geza inhliziyo yakho ebubini, ukuze usindiswe. Koze kube nini imicabango yakho eyize ihlala kini na?


Baphenya ukungalungi; baphenya ngenkuthalo: umcabango ongaphakathi walowo nalowo nenhliziyo ujulile.


Ngempela, abantu abaphansi bayize, nabantu abaphakeme bangamanga;


Ngokuba asizange sibe namazwi athophayo, njengokuba nazi, noma sifihle ukuhaha; UNkulunkulu ungufakazi:


INkosi yathi kuye: “Manje nina baFarisi nihlambulula ingaphandle lenkezo nojeke; kepha ingaphakathi lakho ligcwele ukuphanga nobubi.


Ngase ngimemezela khona ngasemfuleni i-Ahawa usuku lokuzila ukudla, ukuze sizithobe phambi kukaNkulunkulu wethu, sizifunele kuye indlela eqondileyo thina nabantwana bethu nempahla yethu yonke.


Ngifundise indlela yakho, Jehova, ungihole endleleni eqondileyo ngenxa yezitha zami.


Wena uyakwazi ukuthukwa kwami, nehlazo lami, nokuthukwa kwami; izitha zami zonke ziphambi kwakho.


Indlela yolungileyo iqotho; Wena, oqotho kakhulu, ulinganisa indlela yabalungileyo.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite