Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




AmaHubo 48:10 - Contemporary Zulu Bible 2024

10 Njengebizo lakho, O Nkulunkulu, lunjalo udumo lwakho kuze kube semikhawulweni yomhlaba: Isandla sakho sokunene sigcwele ukulunga.

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

10 Njengalo igama lakho, Nkulunkulu, kunjalo ukubongwa kwakho kuze kube semikhawulweni yomhlaba; isandla sakho sokunene sigcwele ukulunga.

Gade chapit la Kopi

IsiZulu 2020

10 Njengoba linjalo igama lakho, Nkulunkulu, zinjalo nezibongo zakho kuze kube semikhawulweni yomhlaba, isandla sakho sokunene sigcwele ukulunga.

Gade chapit la Kopi




AmaHubo 48:10
16 Referans Kwoze  

Ngoba kusukela ekuphumeni kwelanga kuze kube sekutshoneni kwalo ibizo lami lizakuba likhulu phakathi kwezizwe; nasezindaweni zonke kuyoshiselwa igama lami umnikelo ohlanzekile, ngokuba igama lami liyakuba likhulu phakathi kwezizwe,” usho uJehova Sebawoti.


Kusukela ekuphumeni kwelanga kuze kube sekutshoneni kwalo, ibizo leNkosi kumele lidunyiswe.


Uma ningaqapheli nokuqaphela ukwenza onke amazwi alo mthetho alotshwe kule ncwadi, ukuze nesabe leli gama elikhazimulayo nelesabekayo, elithi Jehova uNkulunkulu wenu;


Ngokuba amaKhanani nabo bonke abakhileyo ezweni bayokuzwa basihaqe, banqume igama lethu emhlabeni; futhi uyakwenzani egameni lakho elikhulu?


Ningesabi; ngoba mina nginani; ningethuki; ngoba nginguNkulunkulu wenu; Ngizokuqinisa; yebo, ngizokusiza; yebo, ngiyakusekela ngesandla sokunene sokulunga kwami.


Ngabona izulu livulekile, bheka, ihhashi elimhlophe; nohlezi phezu kwalo ubizwa ngokuthi, oThembekileyo noQinisileyo, futhi ngokulunga uyahlulela, enze impi.


Ngokuba ziqinisile, zilungile izahlulelo zakhe, ngokuba usahlulele isifebe esikhulu esonakalisa umhlaba ngobufebe baso, waliphindisela igazi lezinceku zakhe esandleni saso.


Kepha makaqalekiswe umkhohlisi oneduna emhlambini wakhe, enze isithembiso, anikele ngokonakala kuJehova; ngokuba mina ngiyinkosi enkulu,” usho uJehova Sebawoti, negama lami liyesabeka phakathi kwezizwe.


UJehova ulungile ezindleleni zakhe zonke, ungcwele emisebenzini yakhe yonke.


Amandla enkosi nawo athanda ukwahlulela; Wena umisa ukulunga, wenza ukwahlulela nokulunga kwaJakobe.


Uthanda ukulunga, uzonda ububi; ngalokho uNkulunkulu, uNkulunkulu wakho, ukugcobile ngamafutha enjabulo ngaphezu kwabangane bakho.


Ngokuba uJehova olungileyo uthanda ukulunga; abaqotho bayabubona ubuso bakhe.


UnguJehova uNkulunkulu wethu; izahlulelo zakhe zisemhlabeni wonke.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite