Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




AmaHubo 46:4 - Contemporary Zulu Bible 2024

4 Kukhona umfula, imifudlana yawo ethokozisa umuzi kaNkulunkulu, indlu engcwele yamatabernakele oPhezukonke.

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

4 Ukhona umfula omanzi awo athokozisa umuzi kaNkulunkulu, indlu engcwele yoPhezukonke.

Gade chapit la Kopi

IsiZulu 2020

4 Ukhona umfula omanzi awo athokozisa umuzi kaNkulunkulu, indlu engcwele yoPhezukonke.

Gade chapit la Kopi




AmaHubo 46:4
24 Referans Kwoze  

Kukhulunywa izinto ezikhazimulayo ngawe, muzi kaNkulunkulu. Sela.


Njengoba sizwile, sibonile kanjalo emzini kaJehova Sebawoti, emzini kaNkulunkulu wethu: uNkulunkulu uyakuwuqinisa kuze kube phakade. Sela.


Uyangilalisa emadlelweni aluhlaza; Ungiholela emanzini okuthula.


Amadodana abakucindezelayo ayakuza kuwe ekukhothamela; bonke abakudelelayo bayakukhothama phambi kwamathe ezinyawo zakho; bayakukubiza ngokuthi uMuzi kaJehova, iSiyoni loNgcwele ka-Israyeli.


Uyahambela umhlaba, uwunyakazise; Uyawucebisa kakhulu ngomfula kaNkulunkulu ogcwele amanzi; Ubalungisela ukolweni uma Ubahlinzekele.


Kepha ngikhethile iJerusalema ukuba igama lami libe khona lapho; ngakhetha uDavide ukuba abe phezu kwabantu bami u-Israyeli.


O, ukube ubuyilalele imiyalo yami! ukuthula kwakho kwaba njengomfula, nokulunga kwakho njengamagagasi olwandle;


Yangithwala ngikuMoya yaya entabeni enkulu nephakemeyo, yangikhombisa umuzi omkhulu, iJerusalema elingcwele, wehla uvela ezulwini kuNkulunkulu,


Ngiyakuza ngani phambi kukaJehova, ngikhothame phambi kukaNkulunkulu ophakeme? Ngiyakufika phambi kwakhe neminikelo yokushiswa namathole amnyaka munye na?


(Ihubo losuku lwesabatha.) Kuhle ukudumisa uJehova nokuhubela igama lakho, wena oPhezukonke.


Ohlala endaweni yokucasha yoPhezukonke uyakuhlala emthunzini kaSomandla.


IsiHlabelelo neHubo lamadodana kaKora. Mkhulu uJehova, umelwe ukudunyiswa kakhulu emzini kaNkulunkulu wethu, entabeni yakhe engcwele.


Thumela ukukhanya kwakho neqiniso lakho; mabangiqondise; mabangiyise entabeni yakho engcwele nasematendeni akho.


Kepha nize entabeni yaseSiyoni, nasemzini kaNkulunkulu ophilayo, iJerusalema lasezulwini, naseviyo lezingelosi ezingenakubalwa.


Uma ubona ukucindezelwa kompofu nokuhlanekezelwa komthetho nokulunga ezweni, ungamangali ngaleyo ndaba, ngokuba ophakeme kunomkhulu kunaye, kukhona ophakeme kunabo.


Kodwa wena Jehova ungoPhezukonke kuze kube phakade.


Imifula iphakamisile, Jehova, imifula iphakamisile izwi layo; izikhukhula ziphakamisa amaza azo.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite