Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




AmaHubo 45:3 - Contemporary Zulu Bible 2024

3 Bhinca inkemba yakho okhalweni lwakho, wena Somandla, ngodumo lwakho nobukhosi bakho.

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

3 Bophela inkemba yakho okhalweni lwakho wena qhawe, kube ngukuphakama kwakho nobukhosi bakho.

Gade chapit la Kopi

IsiZulu 2020

3 Gaxa inkemba yakho enqulwini, wena qhawe, ngodumo nobukhosi bakho.

Gade chapit la Kopi




AmaHubo 45:3
22 Referans Kwoze  

Ngokuba izwi likaNkulunkulu liphilile, linamandla, libukhali kunezinkemba zonke ezisika nhlangothi zombili, lihlaba kuze kwahlukaniswe umphefumulo nomoya, amalungu nomnkantsha, lahlulela imicabango nezizindlo zenhliziyo.


Esandleni sakhe sokunene wayephethe izinkanyezi eziyisikhombisa, nasemlonyeni wakhe kuphuma inkemba ebukhali esika nhlangothi zombili, nobuso bakhe bunjengelanga elikhanya ngamandla alo.


Emlonyeni wakhe kuphuma inkemba ebukhali, ukuze ashaye ngayo izizwe, azibusa ngentonga yensimbi, unyathela isikhamo sewayini solaka nolaka lukaNkulunkulu uMninimandla onke.


Wawenza umlomo wami waba njengenkemba ebukhali; ethunzini lesandla sakhe wangithukusa, wangenza isiqu esiphucuziweyo; wangithukusa emgodleni wakhe;


Udumo nobukhosi kuphambi kwakhe, amandla nobuhle kusendlini yakhe engcwele.


Inkazimulo yakhe inkulu ngensindiso yakho; umnike udumo nobukhosi.


Abaseleyo babulawa ngenkemba yohlezi ehhashini, inkemba ephuma emlonyeni wakhe, nezinyoni zonke zasutha inyama yabo.


KuNkulunkulu yedwa ohlakaniphileyo, uMsindisi wethu, makube inkazimulo nobukhosi, nobukhosi, namandla, manje naphakade. Amen.


Nansi-ke ingqikithi yalokhu esesikushilo: Sinompristi omkhulu onjalo ohlezi ngakwesokunene sesihlalo sobukhosi soMkhulu emazulwini;


Owathi engukukhanya kwenkazimulo yakhe, lomfanekiso wobuntu bakhe, ephakamisa zonke izinto ngelizwi lamandla akhe, esehlambulule izono zethu, wahlala phansi ngakwesokunene soMkhulu kweliphezulu;


Ngoba ngenxa yalokhu uKristu wafa, wabuye wavuka, waphila, ukuze abe yiNkosi yabafileyo nabaphilayo.


ukuze babazise abantwana babantu izenzo zakhe zamandla nobukhosi benkazimulo yombuso wakhe.


Ngiyakukhuluma ngenkazimulo yobukhosi bakho nezimangaliso zakho.


Mbonge uJehova, mphefumulo wami. Jehova Nkulunkulu wami, umkhulu kakhulu; wembethe udumo nobukhosi.


Ilizwi uNkulunkulu alithumela kubantwana bakoIsrayeli, etshumayela ukuthula ngoJesu Kristu, yena oyiNkosi yabo bonke;


Kodwa u-Ehudi wazenzela inkemba esika nhlangothi zombili, ubude bayo buyingalo; walibhinca ngaphansi kwengubo yakhe ethangeni lakhe lokunene.


Esakhuluma lowo, kwafika nomunye, wathi: “Umlilo kaNkulunkulu uwile ezulwini, washisa izimvu nezinceku, waziqeda; mina ngedwa ngisindile, ukuze ngikubikele.


Ngokuba inkosi ithembela kuJehova, nangomusa woPhezukonke ayiyikuzanyazanyiswa.


Njengomapula phakathi kwemithi yehlathi, unjalo othandiweyo wami phakathi kwamadodana. Ngahlala phansi emthunzini wawo ngokujabula okukhulu, nesithelo sawo sasimnandi emlonyeni wami.


Izihlathi zakhe zinjengombhede weziqholo, njengezimbali ezimnandi; izindebe zakhe njengeminduze econsa imure elinuka kamnandi.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite