Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




AmaHubo 44:14 - Contemporary Zulu Bible 2024

14 Usenza inhlekisa phakathi kwezizwe, ukunikina amakhanda phakathi kwabantu.

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

14 Usenza isaga kwabezizwe, banikine ikhanda phakathi kwabantu.

Gade chapit la Kopi

IsiZulu 2020

14 Usenze isaga kwabezizwe, banikina amakhanda phakathi kwabantu.

Gade chapit la Kopi




AmaHubo 44:14
15 Referans Kwoze  

Ngiyakubanikela ukuba banyakaze emibusweni yonke yomhlaba ngenxa yobubi babo, isihlamba nesaga, inhlekisa nesiqalekiso, ezindaweni zonke engiyobaxosha kuzo.


Nami bengiyakukhuluma njengani; uma umphefumulo wenu ubusendaweni yomphefumulo wami, bengiyakuqoqa amazwi ngani, nginikine ikhanda lami kini.


Yileli izwi uJehova alikhuluma ngaye; Intombi emsulwa, indodakazi yaseSiyoni, iyakudelela, yakuhleka; indodakazi yaseJerusalema yanikina ikhanda phezu kwakho.


Yileli izwi uJehova alikhuluma ngaye; Intombi emsulwa, indodakazi yaseSiyoni, iyakudelela, yakuhleka; indodakazi yaseJerusalema yanikina ikhanda phezu kwakho.


Nami ngaba yisihlamba kubo; uma bengibheka banikine amakhanda.


Bonke abangibonayo bayangihleka; bakhiphe izindebe zabo, banikine amakhanda bathi:


Wangenza inhlekisa kubantu; nangaphambi kokuba ngibe njengesigubhu.


Ngiyakubasiphula ezweni lami engibanike lona; le ndlu engiyingcwelisele igama lami ngiyakuyilahla ebusweni bami, ngiyenze ibe yisaga nesifenqo phakathi kwezizwe zonke.


Ngiyakumchitha u-Israyeli ezweni engimnike lona; lendlu engiyingcwelisele igama lami, ngiyoyilahla ebusweni bami; u-Israyeli uyakuba yisaga nesifenqo phakathi kwezizwe zonke.


Futhi uyakuba yisimangaliso, nesaga, nenhlekisa phakathi kwezizwe zonke lapho uJehova eyakuyisa khona.


Ngase ngithi kubo: “Niyakubona usizi esikulo, ukuthi iJerusalema liyincithakalo kanjani namasango alo ashiswa ngomlilo; wozani sakhe ugange lwaseJerusalema, ukuze singabi yisihlamba.


Sesiphenduke ihlazo komakhelwane bethu, inhlekisa nenhlekiso kwabasizungezile.


Sihawukele, Jehova, sihawukele, ngokuba sidelelekile kakhulu.


Izimiso zika-Omri ziyagcinwa, nazo zonke izenzo zendlu ka-Ahabi, nihambe ngamacebo abo; ukuba ngikwenze ihlane nabakhileyo kulo babe yinhlekisa; ngakho-ke kufanele uthwale ihlazo labantu bami.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite