Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




AmaHubo 39:12 - Contemporary Zulu Bible 2024

12 Yizwa, Jehova, umkhuleko wami, ulalele ukukhala kwami; ungathuli ngezinyembezi zami, ngokuba ngingumfokazi kuwe nomfokazi njengabo bonke obaba.

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

12 “Yizwa umkhuleko wami, Jehova, ulalele ukumemeza kwami; ungathuli ngezinyembezi zami, ngokuba ngingumfokazi kuwe; ngiyisihambi njengokhokho bami bonke.

Gade chapit la Kopi

IsiZulu 2020

12 “Simakade, yizwa umkhuleko wami, ubeke indlebe ekunxuseni kwami, izinyembezi zami mazingakuniki ukuthula. Ngokuba kuwe ngingumfokazi, isihambi, njengokhokho bami.

Gade chapit la Kopi




AmaHubo 39:12
19 Referans Kwoze  

Bathandekayo, ngiyanincenga njengabafokazi nezihambi ukuba nidede ezinkanukweni zenyama ezilwa nomphefumulo;


Bonke laba bafela ekukholweni, bengazamukelanga izithembiso, kodwa bazibona zikude, bakholiswa ngazo, bavuma ukuthi bangabafokazi nezihambi emhlabeni.


Ngiyisihambi emhlabeni; ungangifihleli imiyalo yakho.


Izwe aliyikuthengiswa kuze kube phakade, ngokuba izwe lingelami; ngoba ningabafokazi nezihambi kanye nami.


UJakobe wathi kuFaro: “Izinsuku zeminyaka yokuhamba kwami ziyiminyaka eyikhulu namashumi amathathu; oyise ezinsukwini zokuhambela kwabo.


Futhi uma nibiza uBaba owahlulela wonke umuntu ngokomsebenzi womuntu engakhethi buso, sebenzisani isikhathi sokuhlala kwenu lapha ngokwesaba;


Ukuzulazula kwami uyakubona, uthi: Thela izinyembezi zami embizeni yakho; ayikho encwadini yakho?


Ngokuba singabafokazi phambi kwakho nezihambi njengabo bonke obaba; izinsuku zethu emhlabeni zinjengethunzi, akakho osalayo.


Phenduka uthi kuHezekhiya umkhokheli wabantu bami: Utsho njalo uJehova uNkulunkulu kayihlo uDavida: Ngizwile umkhuleko wakho, ngibonile izinyembezi zakho; bheka, ngiyakuphilisa; ngosuku lwesithathu uyakukhuphukela endlini kaJehova.


Owathi emihleni yenyama yakhe, lapho enikele imikhuleko nokunxusa ngokukhala okunamandla nezinyembezi kuye onamandla okumsindisa ekufeni, wezwiwa ngokwesaba kwakhe;


Izinhlungu zokufa zangizungeza, nezinhlungu zaseHayidese zangibamba; Ngathola ukucindezeleka nokudabuka.


Abangane bami bayangidelela, kodwa iso lami likhala izinyembezi kuNkulunkulu.


Mhlawumbe uJehova uyakubheka usizi lwami, uJehova angibuyisele kahle namuhla ngesiqalekiso sakhe.


Ngakho sihlala sinesibindi, sazi ukuthi, nxa sisekhaya emzimbeni, sikude neNkosi;


Umkhuleko wosizi lapho ecindezelekile ethulula ukukhononda kwakhe phambi kukaJehova. Yizwa umkhuleko wami, Jehova, ukukhala kwami kufike kuwe.


Izimiso zakho zaziyizingoma zami endlini yokugogobala kwami.


U-Abrahama wahlala izinsuku eziningi njengomfokazi ezweni lamaFilisti.


Futhi uyadla njengento ebolile, njengengubo edliwe yinundu.


Ngokuba zonke izinsuku zethu ziphelele entukuthelweni yakho; sichitha iminyaka yethu njengendaba exoxwayo.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite